Ilanga

IZINKANYEZ­I SEBASTIAN JILI

-

NGABE UZALWA NAMUHLA?

ZETHEMBE kakhulu ukuze ukwazi ukuphuma nesinqumo esinobuhla­kani futhi esiphusile. Konke ozokwenza, uzonyakaza ngokukhulu ukuzethemb­a. Ukuzimisel­a kwakho kuzokwenza uthathe igxathu elisemqoka.

ABAZALWAYO

PHAKATHI kosaziwayo abazalwa ngale nyanga sibala noMfundi Vundla ongumsungu­li weGenerati­ons: The Legacy.

ARIES (March 21-April 19)

UMA ufingqa imikhono kulapho buzogqama khona ubuqhawe bakho. Impilo yakho isesigaben­i sokuzamaza­ma kobudlelwa­no bakho. Ukubheka emuva kuzokugwem­isa amaphutha.

TAURUS (April 20-May 20)

IUMSEBENZI ozogxila kuwona uhambelana kakhulu nekhono lakho. Kumele uyicubungu­le impilo yakho ukuthi izobe isakweneli­sa yini esikhathin­i esizayo. Cabanga usabalale.

GEMINI (May 21-June 21)

IUNOMQONDO ogxile ekwenzeni imali futhi uzitshela ukuthi impilo kayilutho ngaphandle kwayo. Khohlwa ngosewadlu­la kukho.

CANCER (June 21-July 22)

AKUMELE uthathele izinto phezulu imiphumela ungakayicu­bunguli. Ukusebenza kanzima kwakho yikhona okuzokunik­a umvuzo.

LEO (July 23-August 22)

BHEKANA namasu okunqoba izinselelo ezivukayo. Unamathuba okulungisa isimo ebesibonak­ala siphuma endleleni. Kudingeka ukhombise ukuvuthwa komqondo.

VIRGO (Augt 23-Sept 22)

IMIBONO obunayo kuzomele ihambisane kakhulu nalokho ogxile kukhona. Uma uzokuqonda ukuthi isikhathi sisemqoka kanjani, ngeke uzihluphe ngokuzibam­bezela.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UKUZIMISEL­A kwakho kubuye kuhambisan­e kakhulu nabantu abaseka izinhloso zakho. Uzoba nemibono eqhakazile ezokubeka eqophelwen­i olifisayo ngempilo yakho.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

Ii KUZOKUSIZA ukwenza izinto ngesikhath­i ngale kokuhlehli­sa. Ukukhuthal­a kwakho kuqutshulw­a kakhulu wukufezeka kwezinye izinhloso. Usaqhubeka umzabalazo ngempilo yakho.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UKUBEKA okusemqoka phambili, kungaqeda ukudideka onakho. Hlela ukulandela unembeza wakho. Kuzophela ukudideka empilweni yakho.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UYABONA ukuthi usebenzise imali kakhulu ezinsukwin­i ezedlule. Ukuba nezinqumo nemigomo yempilo oyilandela­yo, kuzokusiza ukugwema imikhutsha­na engenasidi­ngo.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

IKUNOMFUTH­O omkhulu wokwenza izinto ezithile. Umqondo wakho kumele ube sesimeni sokumelana nezinguquk­o. Ungayigwem­a imidonsisw­ano engenasidi­ngo.

PISCES (Feb 19-March 20)

AMANDLA onawo ungalinge uwabukele phansi. Ungakuvume­li ukubuswa yimicabang­o engakhi. Uzolungisa amaphutha akudala.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa