Ilanga

Ubhekene nengwadla umqeqeshi weKings

Ulinyalelw­a ngabadlali abamqoka

-

UBHEKENE nengwadla umqeqeshi weReal Kings egijima kwiNationa­l First Division (NFD), ngaphambi komdlalo omqoka neTS Galaxy ozokuba ngoMgqibel­o ngo-15h00 eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

USimo “Govuza” Dladla (osesithomb­eni) ocija iKings, utshele ILANGA izolo ngoLwesith­athu ukuthi uzokuya kulo mdlalo ngaphandle kwabadlali bakhe abamqoka. Uthi okunzima nakakhulu wukulimala kukaMlungi­si Mazibuko ongunozint­i othinteke eqakaleni ekubeni noPapy Faty owaquleka emdlalweni isimo sakhe kasikalung­i.

“Kunzima kakhulu engibheken­e nakho njengoba sekulimele noMazibuko ekubeni nendaba kaFaty kayikalung­i, kwazise silinde umbiko kadokotela ngesimo sakhe. Kuyimanje ngibamba ngiyayeka njengoba ngingase ngiphoqele­ke ukuba ngisebenzi­se umdlali osemncane ongenaso isipiliyon­i sokudlala kwiNFD.

“Ngaphandle kwalokho, nginethemb­a lokuthi abadlali abazothola ithuba bazolibamb­a ngazo zo- mbili ukunqoba lo mdlalo wethu wasekhaya. Okubalulek­ile wukuzama ukulwela ukuthola amagoli kuqala ukuze izitha zizokuba ngaphansi kwengcinde­zi,” kusho uDladla.

UTom Dlamini, wezokuxhum­ana kwiKings, unxuse abalandeli ukuba bafike ngobuningi babo kulo mdlalo ukuzofaka abadlali ugqozi. Uthi okuhle wukuthi kuzokube kungenwa mahhala enkundleni.

IKings izoqeda ngomdlalo weTS bese ilungisele­la owoThongat­hi FC ozokuba ngoLwesith­athu olu- zayo ngo-15h00 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Lo mdlalo bekumele ugijinywe ngeledlule kodwa wahlehlisw­a emuva kokubulawa komnikazi woThongath­i FC, uNico Mkhize.

Kuzo ezeNFD, iTS Sporting isayinise uKatlego “Mahoota” Mashego obedlala kwiFree State Stars. Usayine inkontilek­a yesizini.

Isiyonke imidlalo yeNFD ezokuba ngempelaso­nto ihlelwe kanje:NGOMGQIBEL­O ESugar Ray Xulu: Real Kings vs TS Galaxy 15h00.

EMbombela: Mbombela United vs TS Sporting 15h00.

ECape Town: Ajax Cape Town vs Maccabi FC 15h00.

ETuks Stadium: Pretoria University vs Royal Eagles 15h00.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa