Ilanga

USEFUNA UKUSHIYA OYIFENISHA KWI-CHIEFS

Umiswe kabi nguMphahle­le esikimini

- SENZO SOKHELA

USEFUNA ukuhamba kwiKaizer Chiefs umdlali wayo okuvela ukuthi udinwa wukuthi usephenduk­e isichuse sale kilabhu iminyaka eminingi.

IChiefs ziyihambel­a kahle izinto kulezi zinsuku njengoba ishaya kwasani eza phambi kwayo. Nakuba kunjalo kodwa leli phephandab­a lithole ukuthi uKgotso Moleko odlala emuva kule kilabhu ufuna ukuhamba uma kuwukuthi uyaqhubeka nokukhuhla ibhentshi. Lo mdlali ujoyine iChiefs ngo2012 esuka kwiBloemfo­ntein Celtic.

Selokhu afika kule kilabhu isikimu akakaze asenze kube ngesakhe, kunalokho uwukudla kwebhentsh­i. ILANGA lithole ukuthi lo mdlali usenele yibhentshi, usefuna ukuya lapho ezodlalisw­a khona. Kuthiwa iCeltic ifuna abuye kwazise vele ungumfana wakhona eBloemfont­ein.

“UMoleko usehlale kakhulu kwiChiefs engadlali, ubona kungcono ahambe manje aye lapho ezodlalisw­a khona ngoba uzibona esekhulile ukuthi angaphila ngokukhuhl­ana nebhentshi. Into eyenza afune ukuhamba wukuthi ubanga ijezi noRamahlwe Mphahlele odlala njalo futhi omuncane kunaye ngokweminy­aka yobudala.

“Ngesikhath­i kuhamba uSiboniso Gaxa ubezitshel­a ukuthi uzoqala adlale kodwa akwaze kwenzeka njengoba kuvele kwalandwa uMphahlele.

"Kungenzeka kube yisizini yakhe yokugcina lena edlala kwiChiefs uma kuwukuthi isimo sakhe kasishints­hi,” kusho umthombo oncikene kakhulu nalo mdlali.

UBobby Motaung oyiMenenja-jikelele yeChiefs, ushaye ngamafuphi wathi kakusona isikhathi sokukhulum­a ngabadlali lesi. Uthe babheke ukuqinisek­isa ukuthi ikilabhu iyaqhubeka nokukhiqiz­a imiphumela egculisayo.

UMoleko usehlale kakhulu kwiChiefs engadlali, ubona kungcono ahambe...

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UKGOTSO Moleko ongumdlali weKaizer Chiefs okhala ngokuba wukudla kwebhentsh­i kule kilabhu.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UKGOTSO Moleko ongumdlali weKaizer Chiefs okhala ngokuba wukudla kwebhentsh­i kule kilabhu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa