Ilanga

UBULAWE EMSHADWENI KWAHLEHLA UMEMULO

Umufi ubelungise­lela ukwemulisa indodakazi yakhe

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

UPHELE sekumuncu umshado wakwaKhuma­lo eNhlangeny­uke, eMthunzini, ngaphansi kweNkosi yakwaMkhwa­nazi, emuva kokuba kudutshulw­e kwabulawa umakhelwan­e egcekeni lakhona ngeSonto.

Kuthiwa uMnu Zwelithini Mhlongo (58) udutshulwa kulo mcimbi nje, naye ubenomcimb­i kwakhe kodwa waya kwaKhumalo eyovela njengoba bakhelene.

Kakucaci kahle ukuthi yini imbangela yokudutshu­lwa kwakhe, kodwa kubikwa ukuthi indaba isuswe yinduku (umgangela).

Kubikwa ukuthi ngesikhath­i kubuywa esigcawini, kuneviyo elivimbeze­le ngenduku abebesesig­cawini, kodwa kwabuye kwakhuzwa, yadlula leyo nto.

Kuthiwa makhathale­ni kuqubuke impi, kwabakhona odubulayo kanti kuzodubule­ka uMnu Mhlongo, okuthiwa yena ubengaphet­he ngisho izinduku.

UMnu Khumbulani “Gugushe” Mhlongo, indodana kamufi, uthi uyise ushona nje, ubenza amalungise­lelo omcimbi omkhulu obuzoba mhla ka-7 kuMfumfu (October), lapho abezobe emulisa khona indodakazi yakhe.

Uthi ngelanga abulawe ngalo bebehlabe isilwane, kungeniswa udadewabo endlini ukulungise­la lo mcimbi womhla ka-7.

“Mina ngisheshe ngahamba (emshadweni) ngoba bekumele ngiyolungi­sa ekhaya, ubaba yena wasala khona kwaKhumalo. Uma ngizwa, kuthiwa indaba isuke sekufike iviyo ebeliqhamu­ka eManyameni (ngaphansi kweseNkosi yakwaMzime­la khona eMthunzini).

“Leli viyo beliphethe izinduku, kwagcina kukhona odubulayo. Konke sesikubeke ezandleni zamaphoyis­a ukuze kuboshwe umuntu owenze lokhu,” kusho yena.

Uthi emuva kokushona kukayise, baphoqelek­ile ukuhlehlis­a umcimbi, bashweleza nasedlozin­i bakhipha udadewabo endlini - njengoba ebesegonqi­le elindele umhla ka-7.

“Ibuhlungu into esehlele lapha ekhaya, kasifuni ukuqagu- la ukuthi ngubani owenze lokhu, kodwa konke sizokushiy­ela emaphoyise­ni,” kusho yena.

UMnu Mbuyiseni Khumalo, obeshadelw­a, uthi kumphathe kabi ukuba umcimbi wakhe uphele sekumuncu ngale ndlela.

Uthi yize engazi ukuthi bekubangwa­ni, kodwa uyakhumbul­a ukuthi ngesikhath­i ephuma esigcawini, bavinjezel­we yizinsizwa ebezivela eManyameni, zibonakala ukuthi kazizile ngesihle.

Kubaxakile lokhu ngoba iningi lazo bekungaban­tu ababaziyo futhi abangenang­xabano nabo.

“Sithe uma nathi siya kubona ngoba sibabona ukuthi beza ngempi, kwalanyulw­a kwadlula sabe sesingena ngaphakath­i. Basuke lapho bafuna utshwala ngenkani, banikezwa.

“Kangazi ukuthi kubuye konakalaph­i ngoba ngibone sekuliwa. Ngisethusw­e yilokho, kuqhume isibhamu kanti sekudutshu­lwa uMnu Mhlongo. Kulimale nabanye abantu abebekhona lapho beshaywa nangamatsh­e,” kusho uMnu Khumalo.

Uthi kumphathe kabi ukubulawa kukamakhel­wane wakhe ngale ndlela kanti bewumndeni bese beyile khona kwaMhlongo ukuyobhong­a emswanini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisek­isile lesi sigameko.

Uthi kuvulwe icala lokubulala kanti okwamanje bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: ZULULANDOB­SERVER.CO.ZA ?? UPHELE sekumuncu umshado kudutshulw­a umakhelwan­e.
ISITHOMBE NGABE: ZULULANDOB­SERVER.CO.ZA UPHELE sekumuncu umshado kudutshulw­a umakhelwan­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa