Kunzima kwabadayisa ezitimeleni
Amabhizinisi adonsa kanzima njengoba bengekho abagibeli
IKATI lilele eziko kwabadayisa ezitimeleni emuva kokumiswa kwazo KwaZulu-Natal ngenxa yesigameko esinodlame esenzeke eMlazi ngoLwesihlanu, abagibeli beshisa izimoto, bacekela phansi nempahla becikwa wukungafiki kwazo ngesikhathi. Iningi labadayisi elikhulume ne
eMlazi Station, lithi selokhu zimisiwe izitimela amabhizinisi alo adonsa kanzima njengoba bexhaswa ngabagibeli bezitimela. UNkk Pinky Maduna, uthi uma kuyisikhathi sokuphela kwenyanga, balala nemali elinganiselwa ku-R500.
“Namhlanje nje imali okusathengwe ngayo kayikafika ngisho ku-R200 (bekuyizithuba zo-14h00). Sesivukela ukuba sikwazi ukuthola imali yokuba izingane zikwazi ukugibela uma ziye esikoleni,” kusho uNkk Maduna. Omunye umdayisi okhulume ne
uMnu Vuyo Mbewane, onetafula lezithelo, naye ubekhala esifanayo ethi ibhizinisi kalihambi kahle.
“Isishaye kakhulu le nto yokungabikhona kwezitimela ngoba nabelungu bethu, okungabagibeli, kabekho. Kulokhu kusukela ngoLwesihlanu sihleli sisonge izandla, akukho okwenzekayo. Silambile, sifundisa nezingane, kasizwa noma besho emsakazweni ukuthi izinto zizolunga yini. Kubukeka sengathi silinde umnyama ongenafu,” kusho uMnu Maduna. UMnu Petros Khomo, naye ongumdayisi, uthi yize bengahambisani nokushiswa kwezitimela ngabagibeli, kodwa nabo abakwaPassenger Rail Agency of South Africa (Prasa), kumele bayilungise inkinga yokungafiki kwezitimela ngesikhathi.
“Ngike ngagibela isitimela ngiyo-oda, sithe siseMerebank (okuyibanga elilinganiselwa phakathi kuka-17-21km), savele sama kwathiwa kuhambe ugesi. Sihlale lapho kusukela ngo-12 kwaze kwaba wu-3 ntambama, lapho ngijahe ukuthi ngiyodayisela abantu abazokwehla ezitimeleni zantambama. Ngifike lapho ngidayisa khona sekudlule inqwaba yabathengi,” kusho uMnu Khomo.
Okhulumela iPrasa, uMnu Zama Nomnganga, uthi izitimela zingase zibuye ngoLwesihlanu, okwamanje basazama izindlela abazoqinisekisa ngazo ukuthi abagibeli baphephile.
“Simatasa siba nemihlangano noMnyango wezokuThutha KwaZuluNatal ukubheka indlela engcono okuzosetshezwa ngayo. Lolu daba lubucayi ngoba luthinta impilo yezisebenzi zethu ezisengcupheni. Ngaphambi kokuba zibuye izitimela kumele izisebenzi zazi ukuthi ziphephile.
“Umonakalo owenzeke eMlazi ngoLwesihlanu ucishe wadlula nemiphefumulo yezisebenzi zethu eziwu-12 ebezivaleleke emahhovisi ngesikhathi ecekelwa phansi. Kushiswe nezimoto ezine zakwaPrasa,” kusho uMnu Nomnganga.
Uthi inkinga ebiyenza izitimela zingafiki ngesikhathi nabo bazozama ukuyilungisa, kodwa lokho ngeke bakwenze bodwa uma abagibeli bengasebenzisani nabo.
“Abagibeli bethu sicela bakuqonde ukuthi izitimela zethu zindala, ngakho-ke inkinga yokuba zife njalo sisazobhekana nayo yize ezinye zezinkinga zidalwa yibona njengokuntshontsha amakhebuli kagesi nokuvala imizila,” kusho uMnu Nomnganga.