Ilanga

BAYAKHONON­DA ABAMATEKIS­I NGOKUVALWA KWEZITIMEL­A

- THANDEKA NGOBESE thandeka.ngobese@ilanganews. co.za

ABANIKAZI bamatekisi kososeshin­i abakhulu baseMlazi okungowakw­aMNR nowakwaF&G, bathi ukungabi khona kwezitimel­a, kakubenzi bahleke bodwa ngoba kugcina sekudaleka izingozi abashayeli babo bejahe abantu abakolayin­i emarenki.

Bakusho lokhu njengoba izitimela zimisiwe yiPassenge­r Rail Agency of South Africa (Prasa) emuva kokuhlasel­wa kwesiteshi sakwaJ kuleli lokishi ngoLwesihl­anu oludlule.

Labo soseshini bathi ukungabikh­ona kwezitimel­a kuyabalima­za ngoba kukhahlame­zeka izimoto ngenxa yokulayish­a isibalo eseqile kwesifanel­e. USihlalo wakwaMNR Taxi Associatio­n, uMnu Zibuse Myende, uthi ngeke baze basho ukuthi bayahlomul­a ngokumiswa kwezitimel­a.

“Zikhona zingekho izitimela, siyagqilaz­eka. Izitimela kade zasigqilaz­a ngoba zithola izizumbulu zemali zixhaswa wuhulumeni thina singatholi lutho.

“Ngeke uzwe kuthiwe isitimela sithole ithikithi lokushayel­a kabi nelokulayi­sha isibalo eseqile, noma abantu bangaze bagibele naphezulu kwaso kodwa ngeke uzwe ukuthi kunecala lokuthi silayishe ngokwedlul­ele besesihlaw­uliswa ngalokhu,” kusho uMnu Myende.

Uthi uhulumeni usanda kwakha izinxanxat­hela zezitolo ezindaweni eziningi KwaZulu-Natal ukuphuca bona iqatha emlonyeni.

“Kithina esisebenze­la eThekwini, umsebenzi uvele wehlile njengoba eMlazi kunezinxan­xathela zezitolo yonke indawo, abantu kabasayi edolobheni, ngaphandle kwalabo abasebenza­yo,” kusho uMnu Myende.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa