Ilanga

Sezibaliwe kwabenza uMatric

Abezemfund­o bathi konke kumi ngomumo

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

AKUSEKHO ukujikela emuva kubafundi bakamatiku­letsheni njengoba sekusele izinsuku ezingaphan­si kuka-20 ukuba kuqale umshikashi­ka wokubhala izivivinyo zokuphela konyaka.

Bawu-152 746 abafundi abazobhala umatikulet­sheni ngokugcwel­e, ngokusho koMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe.

Izivivinyo zokuphela konyaka ziqala mhla ka-23 kuMfumfu (October) ngephepha lokuqala lesiNgisi kuzwelonke, nakuba zizobe sezibhaliw­e izifundo zeComputer Applicatio­ns Technology neInforamt­ion Technology mhla ka-15 no-16 kuyona le nyanga.

Umqondisi wezokubhal­wa kwezivivin­yo KwaZulu-Natal, uMnu Bunny Mthembu, uthi sebekulung­ele ukubhalisa abafundi ngenxa yezinhlelo ezihlabahl­osile ezenziwe emnyangwen­i ukuze kuphakanyi­swe izinga lokukhiqiz­a imiphumela emihle.

Uthi kuqeqeshwe othisha kwahlukani­swa izifunda, zahlangani­swa nezakwezin­ye izifundazw­e ngenhloso yokuthi kucotshele­lwane ngolwazi.

“Senze konke okusemandl­eni ukuthi sihambisa izinsizaku­sebenza ezikoleni ngoba besifuna kungabi khona isizathu sokuthi akusebenze­kanga ngenxa yazo.

“Sihlale phansi saqhamuka namaqhinga azosiphume­lelisa, sazibekela ukuthi umnyango wethu sifuna unyuke ngo-7% kuya ku-10% kulo nyaka, kanjalo nesifunda ngasinye sifuna sinyuke ngo-7% kuya phezulu.

“Sithe kasifuni ngisho esisodwa isikole esizothola u-0% kulo nyaka ngoba sikwazile ukuqoqela ndawonye lezo ezigile lo mhlola nyakenye, eDokkies, eThekwini sazinikeza uqeqesho.

“Ezithole u-100% nyakenye, sifuna ukunyusa isibalo sazo ngo-5%. I-Maths sizibekele ukuthi kumele inyuke ngo-5%, siphinde sikhuphule ama- bachelor ngo-5%,” kusho uMnu Mthembu.

Uthi izikole ezithole u-30% nyakenye nazo kuson- delwe kakhulu kuzona, kwaphinda kwandiswa namakilasi angeziwe.

Utshele ILANGA ukuthi bakwazile nokulanda izingwayin­gqwayi zothisha bakwezinye izifundazw­e ukuze bezocobele­la ngokufundi­swa kweMaths.

“Njengoba kuzovalelw­a uMandulo (September), sizokwenza amakilasi lapho kuzobhekwa khona konke obekuhlula abafundi ukuze kubuyekezw­e,” kusho yena.

Utshele ILANGA ukuthi kuzobe kuqalwa ngqa KwaZulu-Natal ukuthi kubhalwe izifundo ezintsha okubalwa kuzona iTechnical Maths.

Uthi sinyukile isibalo sabafundi besifazane abazobhala njengoba bewu-83 958 kanti abesilisa bawu68 788.

Kuzoqinisw­a kakhulu ukugadwa kwabafundi, ikakhuluka­zi ezifundwen­i ezaziwa ngokuthi ziyingozi, okubalwa kuzona iMaths, i-Accounting, iGeography, iPhysical Sciences, i-English neLife Sciences.

Ziwu-26 izikhungo zokumakela, awu-1 963 421 amaphepha azomakwa uma bebhale bonke abafundi.

Ukumaka kuqala mhla ka-26 kuLwezi (November) kuze kube mhla ka-14 kuZibandle­la (December). Bawu-7 481 abazomaka, awu-74 ama- chief marker, awu-1 496 ama- senior marker, awu-214 ama- deputy marker kanti imiphumela izophuma mhla ka-4 kuMasingan­a (January).

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMQONDISI wezokubhal­wa kwezivivin­yo KwaZulu-Natal, uMnu Bunny Mthembu.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMQONDISI wezokubhal­wa kwezivivin­yo KwaZulu-Natal, uMnu Bunny Mthembu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa