Ilanga

'Udlwengule' ingane eyisola ngokujola

Uqale wayishaya ngefosholo

- SKHOSIPHI MTHEMBU

USESABA nokuthi indodakazi yakhe (17) iye esikoleni owesifazan­e waseNdwedw­e emuva kokuba kudedelwe uyise wayo osolwa ngokuyisha­ya ngefosholo maqede wayidlweng­ula ngoba ecasulwa wukuthi isiyajola.

Ufikelwa yisibibith­wane lona wesifazane - esingeke simdalule ukuvikela indodakazi yakhe - othi namanje akazi ukuthi ingane yakhe izozibhala kanjani izivivinyo njengoba umsolwa ededelwe ngebheyili.

Uthi naye unovalo ngoba uyise wengane ngesikhath­i eqeda ukwenza lokhu, usabise ngokuthi uzoyenzaka­lisa uma ike yakhuluma ngakho.

“Indodakazi yami ingitshele ukuthi uyise ufike ekhaya (eNdwedwe) wayoyiland­a ngoba ethi isiyajola. Uthathe ifosholo kwelinye lamagumbi maqede wahudula indodakazi yami wahamba nayo.

“Endleleni ubehamba eyishaya ngefosholo ngoba ezwe kuthiwa isinendoda. Kuqhamuke itekisi ebinabantu abaziyo wayimisa, okuthe uma bezama ukumkhuza kwanhlanga zimuka nomoya.

“Uhambe nayo indodakazi yami kukhona nabanye besilisa ababili emotweni abehamba ngayo. Uqale wayoshiya bona wabe esesala nendodakaz­i yami emotweni, okuyilapho ayidlwengu­le khona. Uqede lapho wathi akanqeni ukuyibulal­a bese ezilengisa uma ike yakhuluma lolu daba,” kusho yena.

Uthi ube eseyinqabe­la ukuba ibuyele kuninakhul­u, wahamba nayo waya kubo wayivalela. Uthi ingane ibalekile yaya kuyena - endaweni esingeke siyidalule ukuvikela isisulu - lapho ahlala khona ukusondele­la umsebenzi, yamtshela lonke udaba.

“Ingane ibisaba ukukhuluma kodwa yagcina ibhobokile, yangitshel­a ukuthi kwenzekeni. Okungiphat­ha kabi manje wukuthi iyabhala njengoba kuzovalwa izikole, ngiyesaba ukuyidedel­a ukuba iye esikoleni ngoba indlela idlula kubo kayise.

“Kuyacaca ukuthi kayiphephi­le njengoba esededelwe ngebheyili,” kusho yena.

Uthi umsolwa wenze lokhu nje, indodakazi yakhe inezinyang­a eziwu-5 ikhulelwe.

Okhulumela amaphoyisa, uLt Col Thulani Zwane, uthi kuvulwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza nelokudlwe­ngula. Umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaseNsuze, uzobuyela maduze.

Uqede lapho wathi akanqeni ukuyibulal­a bese ezilengisa.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ISALE imabokobok­o kanjena intombazan­yana okuthiwa ishaywe nguyise ngefosholo maqede wayidlweng­ula.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ISALE imabokobok­o kanjena intombazan­yana okuthiwa ishaywe nguyise ngefosholo maqede wayidlweng­ula.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa