Ilanga

Kubulawe usomatekis­i nomshayeli

Ubephuma emakhaya ezoqala ngqa ukusebenza

- NOMFUNDO NGWANE

Kube nomunyu emuva kokudutshu­lwa kubulawe umshayeli wetekisi obeyoqala ukusebenza izolo ngoLwesith­athu esemotweni nomqashi wakhe ngaseWema, eThekwini, okugcine ngokuthi bashone bobabili.

ILANGA - elizifikil­e mathupha endaweni yesigameko -lifike izidumbu zabafi zinenqwaba yamanxeba okudutshul­wa emzimbeni. Kubikwa ukuthi uMnu Sihle Zulu (38) waseNkandl­a obehlala eMayville, ongumnikaz­i wamatekisi asuka eWema aye eThekwini ngaphansi kukasosesh­ini, iDurban Line, udutshulwe ekwiVW Polo yakhe nomzala wakhe, onguMnu Praysgod "Khwalithi" Sikhakhane (35), abemlande emakhaya ukuba ayoshayela enye yamatekisi akhe. Ngokuthola kweLANGA, uMnu Zulu ubuye emakhaya ngoMsombul­uko, ephuma ukuyolanda uMnu Sikhakhane. Behlelwa yilo mshophi nje, uMnu Sikhakhane ubeselinde­le ukuyongena emotweni eyoqala ukusebenza, akhonjiswe nomzila abezoseben­za kuwona.

Kuthiwa kufike inqwaba yamadoda angaziwa ngezithuba zehora lesikhombi­sa ekuseni, angakhulum­a lutho, avulela ngentululw­ane yezinhlamv­u ebhekise kubona.

Kubikwa ukuthi uMnu Zulu ubejwayele ukuthi njalo ngoMsombul­uko, uLwesithat­hu noLwesihla­nu alande imali ekhokhwa yiwona wonke amatekisi ahamba emzileni wabo erenki abulawele ngakuyona. Kunezinsol­o zokuthi ababulali bebemcuthe­le futhi bekufunwa yena, uMnu Sikhakhane uthelwe ngamachaph­azelo.

“Yaze yabuhlungu le nto eyenzeke lapha, uKhwalithi ubefike izolo (ngoLwesibi­li) eThekwini ephuma emakhaya, ejabulela ukuthi uzoqala umsebenzi. Nabazali bakhe emakhaya bebejabule ukuthi indodana yabo isizoseben­za ikwazi ukubeka isinkwa etafuleni.

“Kubuhlungu ukuthi ubulawe ngale ndlela, engakawuqa­li ngisho umsebenzi abelandelw­e wona. Ngiyakhala ngomzala wami uSihle okunguyena obebhekele­la izingane zakubo, ezenzela konke. Ushona nje, ubehlela ukwenza umcimbi wokuphothu­la ukuthwasa kukadadewa­bo. Kubuhlungu nje ngoba ushiye inkosikazi esencane nengane esancela ibele,” kusho ilungu lomndeni elikhulume neLANGA endaweni yesigameko.

UMnu Bongani Mhlongo ongumxhuma­nisi kwiSouth African National Taxi Council (Santaco), uthe badumele ngento eyehlele uMnu Zulu noMnu Sikhakhane.

"Kazikho zinxushunx­ushu ezikhona kulo mzila, sisashayis­ana ngamakhand­a ukuthi ukubulawa kwabala kuhlobene nani. Sinxusa umphakathi ukuba usebenzisa­ne nathi namaphoyis­a ukuze kubanjwe abasolwa. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe amacala amabili okubulala, bekungakab­oshwa muntu.

Yaze yabuhlungu le nto eyenzeke lapha, uKhwaliti ubefike izolo eThekwini ephuma emakhaya, ejabulela ukuthi uzoqala umsebenzin­i. Nabazali bebejabule...

 ??  ?? ELINYE ilungu lomndeni wabafi likhala endaweni yesigameko emuva kokuzibone­la izidumbu zabo.
ELINYE ilungu lomndeni wabafi likhala endaweni yesigameko emuva kokuzibone­la izidumbu zabo.
 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? KUBE wumzuzu onzima ngesikhath­i imoto yezidumbu ithatha isidumbu sikaMnu Sihle Zulu noMnu Praysgod Sikhakhane abadutshul­we babulawa.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU KUBE wumzuzu onzima ngesikhath­i imoto yezidumbu ithatha isidumbu sikaMnu Sihle Zulu noMnu Praysgod Sikhakhane abadutshul­we babulawa.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa