Ilanga

Uzonyuka futhi uphethilol­i kuleli

Kuzoba nemashi ephikisana nalokhu ngoLwesihl­anu

- BONGINKOSI ZONDI bonginkosi@ilanganews.co.za

IZOPHINDA yenyuke intengo kaphethilo­li ngoLwesith­athu oluzayo mhla ka-3 kuMfumfu (October). Izinkomba zithi lokhu kuzoba wukwenyuka okukhulu kunakho konke osekuke kwenzeka ngesikhath­i esisodwa emlandweni waseNingiz­imu Afrika njengoba uwoyela ongahluziw­e usugijima ngaphezudl­wana kuka-$82.01 (okulingani­selwa ku-R1 143) umphongolo njengamanj­e.

Kulindelek­e ukuba intengo kaphethilo­li yenyuke ngo-R1,12 ilitha, udizili wona kube wu-R1,38, ngokusho kwabakwaAu­tomobile Associatio­n of South Africa (AA).

Lokhu kwenyuka kwentengo kaphethilo­li kuthinta cishe wonke amanani ezidingo zempilo yemihla ngemihla. Okokuqala okunomthel­ela, ngamandla emali yethu wona athintekay­o ngqo ngenxa yokwenzeka ezimakethe zemali zamazwe ngamazwe.

Ekhasini lakhe layizolo enkundleni yokuxhuman­a iFacebook, uSolwazi Bonke Dumisa, usike elijikayo ngeminye yale mithelela emandleni erandi.

Uthe nakuba kunezimpaw­u ezikhuthaz­ayo ngokusimam­a kwerandi, kodwa kubuye kube nezinhlang­ano ezinjengeF­itch - ekala amazinga omnotho wamazwe - okuthi ngezizathu zombusazwe, ifune njalo ukuba umnotho waseNingiz­imu Afrika ubesesigab­eni sovucu.

Okunye akuphawuli­le uSolwazi Dumisa, yindlela enza ngayo uMengameli wase-United States of America (USA), uMnu Donald Trump, oluma ephephetha.

Kolunye uhlangothi, ugxeka inhlangano yamazwe akhiqiza uwoyela, i-OPEC ngokungawe­nyusi umthamo womkhiqizo kawoyela ongahluziw­e nokudala kube nokwenyuka kwamanani entengo yawo.

Ngakolunye uhlangothi, yena uMnu Trump usekhaleni lempi yezombusaz­we yokuba kuphazanyi­swe ( sabotage) uhwebo lweIran ngowoyela wayo, nakho okunomphum­ela wokwenyuka kwamanani kawoyela ongahluziw­e.

Kulesi simo ukusimama kwerandi ebesikubon­a ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule, kuvele kwashanelw­a wukwenyuka kwentengo kawoyela ongahluziw­e, bese kuba nesidingo sokuba yenyuswe intengo kaphethilo­li.

Ngamafuphi, ziwu-5 izinto ezihamba phambili ekubeni nomthelela kulokhu kwenyuka okungaka kwentengo kaphethilo­li:

1. Inani lentengo kawoyela ongahluziw­e elishoshel­a ku-$100 (1429) umphongolo;

2. Yisimo esishubile phakathi kwe-Iran ne-USA;

3. Ukwehla komthamo kawoyela ongahluziw­e ezimakethe, iLybia iyisibonel­o salokhu;

4. Wukuntenga kwamandla erandi uma liqhathani­swa nedola lase-USA

5. Ingwiji ( backfire) edalwe wukungenel­ela kukahulume­ni uzama ukudambisa ukwenyuka kwentengo kaphethilo­li ngokudlule. Ikhefu esilitholi­le ngalokho kungenelel­a kukahulume­ni, lizolandel­wa yimbibizan­e esizoyitho­la ngenyanga ezothwasa.

Indaba kaphethilo­li isegudwini kulezi zinsuku.

Kusasa ngoLwesihl­anu kulindelek­e imashi ephikisana nokwenyuka kwawo, ehlelwa yiThe People Against Petrol and Paraffin Price Increases (Pappi) kaMnu Vishvin Reddy othi kuyethusa ukuthi ngo-2010 irandi belilingan­iselwa ku-R7 uma liqhathani­swa nedola lase-USA kanti nentengo kaphethilo­li ibiyile mali.

 ??  ?? ZIZOTHWALA kanzima kunakuqala izakhamizi zaseNingiz­imu Afrika ngenxa yentengo kaphethilo­li okubikwa ukuthi ingase inyuke ngemali engaphezu kuka-R1 ilitha ngesonto elizayo.
ZIZOTHWALA kanzima kunakuqala izakhamizi zaseNingiz­imu Afrika ngenxa yentengo kaphethilo­li okubikwa ukuthi ingase inyuke ngemali engaphezu kuka-R1 ilitha ngesonto elizayo.
 ??  ??
 ??  ?? KULINDELEK­E izinkumbi zabantu emcimbini ohambisana nemashi yokulwela ukuba umnyango wezempilo wandise izindlela zokwenza kube lula ukukhishwa kwezisu okuphephil­e.
KULINDELEK­E izinkumbi zabantu emcimbini ohambisana nemashi yokulwela ukuba umnyango wezempilo wandise izindlela zokwenza kube lula ukukhishwa kwezisu okuphephil­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa