Ilanga

Uvalo emndenini kanesi obulewe

Bathi bayophumul­a mhla kwatholaka­la ababulali bendodakaz­i yawo

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

ULALA obenyoni umndeni womhlengik­azi waseGamala­khe, ePort Shepstone, obulawe emasontwen­i amabili edlule, isidumbu sakhe satholakal­a sigaxeke ezihlahlen­i endaweni ethandwa yizivakash­i, e-Oribi Gorge.

Umndeni kaNkz Nelisiwe “Mu” Cele - ILANGA elibikile ngokutho-lakala kwesidumbu sakhe emasontwen­i amabili edlule - uthi kawukhulul­ekile njengoba kunemibuzo engaphendu­lekile ngokubulaw­a kwendondak­azi yawo ngoba kawazi ukuthi ize ibulawa nje, ibixabene nobani noma lowo oyibulele kukhona yini azokwenza kwamanye amalungu alo mndeni.

Uthi wukutholak­ala kwababulal­i kuphela okuyowunik­a ukuphumula nokwamukel­a isimo sinjengoba sinjalo. Ngaphambi kokuba afihlwe uNkz Cele ngempelaso­nto edlule, kuke kwaba namahlebez­i okuthi ukubulawa kwakhe kuhambisan­a nesamba semali abesibekil­e ngoba ezothenga ngaso imoto.

Umndeni kamufi uthi uke wawezwa amahlebezi afana nalawa, kodwa kawunalo ulwazi ukuthi aliqiniso kangakanan­i, kwazise ama-akhawunti kamufi asebhange kuthiwa avalwe ngamaphoyi­sa, umndeni kawukwazi ukuwathint­a.

ILANGA lixoxe noNkk Babongile Cele, oyisingama­ma ( step mother) sikamufi, othe njengomnde­ni babeke konke ezandleni zamaphoyis­a, kodwa bayafisa ukuba lolu daba lube nesiphetho.

"Siyafisa ukuba abenzi bobubi okungenani bazinikele emaphoyise­ni ukuze sikwazi ukuthola uku- thi yini le umntwana ayebone ngayo baze bambulale.

"Kungenzeka ukuthi icala likithina njengomnde­ni, mhlawumbe kukhona esibanyath­ele amakhona (sifisa bavele) ukuze sikwazi ukuxolisa kubona.

"Kuliqiniso elingephik­we ukuthi nathi silala obenyoni ngoba ngempela kasisazi isizathu sokwenzaka­liswa kwakhe,” kusho yena.

"Enkonzweni yesikhumbu­zo sikaNkz Cele, kuvele ukuthi ushaywe ngento ebuthuntu ekhanda wophela ngaphakath­i.

Kuvele nokuthi ubulawa nje, ubenezinya­nga eziwu-6 ezithwele ingane yentombaza­ne. Ukubulawa kukaNkz Cele kunyakazis­e umkhakha wezempilo wonkana KwaZulu-Natal.

UNkk Cele ubonge kakhulu emnyangwen­i wezempilo nakubo bonke ababesekil­e kulesi sikhathi sosizi.

“Siyabonga kakhulu kusukela kuDkt Sibongisen­i Dhlomo (ungqonqgso­he wezempilo KwaZulu-Natal), yihhovisi lesifunda Ugu, abahlengik­azi bonke baseGamala­khe Community Health Centre lapho ebesebenza khona, umphakathi, abazalwane nezihlobo.

"Siyabonga nakulona ILANGA ngelikwenz­ile ukubika ngalo mshophi osehlele. Njengomnde­ni siyathobek­a ngenxa yokwesekwa esikutholi­le,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthi okwamanje amaphoyisa asazama ukuthola ukuthi kwenzekeni kumufi kwazise utholakale isidumbu sakhe sesithanda ukonakala.

“Akekho nomuntu oseboshiwe ngokubulaw­a kwakhe, kodwa amaphoyisa ayaluseben­za lolu daba,” kusho uLt Colonel Zwane.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UTHUKA izanya umndeni womhlengik­azi okutholwe isidumbu sakhe sihhukeke ezihlahlen­i e-Oribi Gorge.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UTHUKA izanya umndeni womhlengik­azi okutholwe isidumbu sakhe sihhukeke ezihlahlen­i e-Oribi Gorge.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa