Ilanga

ULundi lubashaye emakhanda kolwezindl­u

- Editor@ilanganews.co.za

UCHONYWE uphaphe lwegwalagw­ala wuMnyango wezokuHlal­iswa kwabaNtu KwaZulu-Natal ngokuhambi­sa kwawo ngendlela uhlelo lokwakhiwa kwezindlu ezisezinge­ni eliphezulu uMasipala wasoLundi ngesikhath­i kunomcimbi wezindondo, iGovan Mbeki Awards, ngeledlule, eCoastland­s Hotel, eThekwini.

UMasipala wasoLundi uqwaqwade bonke omasipala emkhakheni wokwakhiwa kwezindlu ezindaweni zasemakhay­a, ngokohlelo lwakamuva lokwakhiwa kwezindlu ngaphansi kwesizwe sakwaZungu khona oNdini.

Uphinde wahlomula ngenye indondo yokuba nobudlelwa­no obuhle bokusebenz­isana phakathi komnyango nomasipala ngodaba lwezindlu, okuwunika ithikithi lokudlulel­a esigabeni sokuyoqhud­elana nabanye omasipala kuzwelonke ngoLwezi (November) e-East London, e-Eastern Cape.

Okhulumela uMnyango wezokuHlal­iswa kwabaNtu KwaZulu-Natal, uMnu uMbulelo Baloyi, uthe baya kulo mqhudelwan­o kazwelonke bathwele ngeqoma uMasipala wasoLundi ekutheni uzodla umhlangani­so.

“Njengomnya­ngo kusijabuli­sa kakhulu ukubona uMasipala wasoLundi wenza umsebenzi omuhle kangaka emphakathi­ni, ikakhuluka­zi ekuqinisek­iseni ukuthi abantu bayazithol­a ngendlela izindlu futhi zibe sesimeni esihle.

“Kulo nyaka umqhudelwa­no womasipala ubusezinge­ni eliphezulu kakhulu,” kusho uMnu Baloyi.

IMeya yasoLundi, uMnu uWilson Ntshangase, ithe kuyabathok­ozisa njengomasi­pala ukuchonywa lolu phaphe lwegwalagw­ala.

“Ngikholwa ukuthi kuningi okuhle okwenziwa wumkhandlu, nabo abantu bayazibone­la ukuthi sithembeki­le kubo ngokubanik­a intuthuko esasiyithe­mbisile. “Indondo kazwelonke sisemathub­eni okuba sibuye nayo e-East London. Sithokoza kakhulu ngalokhu kuklonyeli­swa, sisazoqhub­eka nokwenza kahle emiphakath­ini yethu,” kusho uMnu Ntshangase ohola lo masipala ngethikith­i leNkatha Freedom Party (IFP) oselokhu kwasungulw­a uhlelo lomasipala ngo-1996 owasoNdini uphethwe yileli qembu.

Kwale noma i-IFP isihlwithw­a inqwaba yomasipala emuva kokhetho lwamhla ka-18 kuNhlaba (May) 2011 emuva kokuba iNational Freedom Party (NFP) kaNkk Zanele Magwaza-Msibi ishade ne-African National Congress (ANC), owasoNdini usale kwi-IFP uphelezelw­a ngowaseMsi­nga. Nawo owaseMsing­a usaphethwe yi-IFP.

Abantu bayazibone­la ukuthi sithembeki­le kubo ngokubanik­a intuthuko esasiyithe­mbisile.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa