Akathandi ukulawulwa ngomzimba wakhe
kanye nalolu hlelo lwakhe lukamabonakude oluzayo.
UTHANDO LWEMFASHINI
Ngaphandle kokumenywa ukuba ngumphathi wezinhlelo zeDFF, ubeyi- ngxenye enkulu ye- panel discussion lapho bekucathuliswa khona abasiki bengqephu ngamacebo abalulekile okuqonda ezemfashini njengebhizinisi hhayi nje isitayela kuphela. Ebuzwa mayelana nothando nolwazi lwakhe lwemfashini uthe akudingi ukuba uze uyofundela imfashini ukuze uyiqonde. “Ngeke ibe khona imfashini ukuba izingubo azikho. Ngakho kumele kucace ukuthi wonke umuntu ombathayo usebhizinisini lemfashini. Kanjalo nami ngizifundise ukuba ngikuqondisise ukuthi kuyini engikugqokayo, umsuka wakho nokwenziwa kwakho. “Lelo lukuluku lokuphokophelela ukwazi lungibeke lapha ngikhona ngoba ngiyazihlupha ngokufuna ulwazi. Baningi abacabanga ukuthi ibhizinisi lemfashini lincike ezingubeni ezibizayo kanti cha.
“Imfihlo isekutheni ukuhlanganisa kanjani okugqokayo ukuze kukwenze wena uhehe,” kusho yena.
Uncome kakhulu amagalelo kamasipala weTheku, ngezinhlelo zawo zokubambisana nosomabhizinisi abasafufusa abakulo mkhakha wemfashini, wathi yilona kuphela idolobha elinohlelo olufana nalolu olubhekelele abasiki bengqephu.
“Nami kuningi engikucoshile nokungimangazile njengoba ngilana,” kusho yena.
Naye umangaze abaningi ngomswenko abewugqoke ngeledlule, wesigqebhezana abesifake ngezansi. Ephawula ngalokhu ubuze ukuthi ngubani onemigomo yokuthi umuntu kumele enzeni ngempilo yakhe. “Kungani kumele kube ngomunye umuntu olawula impilo yami? Ivela kubani le migomo eyitilongo esizibophe ngayo? Sivumelani ukuba setilongweni?” kubuza yena kucaca ukuthi uyashuba.
Uthe umzimba wakhe uzowembesa nganoma yini ayithandayo, ikakhulukazi uma kuwumsiko wasekhaya ngoba kuwumgomo azibekele wona ukugqoka izingubo ezithungwe ngabasiki bengqephu bakuleli.
UYAZIFELA NGENDODANA YAKHE
Ngibe sengidambisa isimo ebese sishuba ngokubuza ngendodana yakhe u-Alakhe oneminyaka emithathu. Uphindele ngokushesha ebusweni bakhe obuchachambayo echaza ngendlela ayithanda ngayo indodana yakhe. Usecabanga nokuphinda abe nomunye umntwana.
“Uwumfanyana ozimele futhi ozaziyo. Uyabathanda abantu kodwa futhi akathandi ukuba sesixukwini.
“Nami kunezikhathi lapho ngibona khona ukuthi kumele ngimnike isikhathi yedwa. Ngiyakuthokozela ukumbona ekhula,” kuqhuba yena.
Mayelana nohlelo lweTV oluzokhonjiswa ngonyaka ozayo uthe luyindidiyela ye- documentary nereality ekhuluma ngezigameko nezindawo ezibalulekile ezashintsha impilo yosaziwayo zaba nomthelela kwabayikho njengamanje. Uthe kulona uwu- producer kanti usebenzisana nozakwabo ayefunda nabo e-university.
Uthe lolu hlelo luqoshwe ngaphansi kwenkampani yakhe angathandanga ukuyidalula igama.