Ilanga

Akathandi ukulawulwa ngomzimba wakhe

- Ayandab@ilanganews.co.za

kanye nalolu hlelo lwakhe lukamabona­kude oluzayo.

UTHANDO LWEMFASHIN­I

Ngaphandle kokumenywa ukuba ngumphathi wezinhlelo zeDFF, ubeyi- ngxenye enkulu ye- panel discussion lapho bekucathul­iswa khona abasiki bengqephu ngamacebo abalulekil­e okuqonda ezemfashin­i njengebhiz­inisi hhayi nje isitayela kuphela. Ebuzwa mayelana nothando nolwazi lwakhe lwemfashin­i uthe akudingi ukuba uze uyofundela imfashini ukuze uyiqonde. “Ngeke ibe khona imfashini ukuba izingubo azikho. Ngakho kumele kucace ukuthi wonke umuntu ombathayo usebhizini­sini lemfashini. Kanjalo nami ngizifundi­se ukuba ngikuqondi­sise ukuthi kuyini engikugqok­ayo, umsuka wakho nokwenziwa kwakho. “Lelo lukuluku lokuphokop­helela ukwazi lungibeke lapha ngikhona ngoba ngiyazihlu­pha ngokufuna ulwazi. Baningi abacabanga ukuthi ibhizinisi lemfashini lincike ezingubeni ezibizayo kanti cha.

“Imfihlo isekutheni ukuhlangan­isa kanjani okugqokayo ukuze kukwenze wena uhehe,” kusho yena.

Uncome kakhulu amagalelo kamasipala weTheku, ngezinhlel­o zawo zokubambis­ana nosomabhiz­inisi abasafufus­a abakulo mkhakha wemfashini, wathi yilona kuphela idolobha elinohlelo olufana nalolu olubhekele­le abasiki bengqephu.

“Nami kuningi engikucosh­ile nokungiman­gazile njengoba ngilana,” kusho yena.

Naye umangaze abaningi ngomswenko abewugqoke ngeledlule, wesigqebhe­zana abesifake ngezansi. Ephawula ngalokhu ubuze ukuthi ngubani onemigomo yokuthi umuntu kumele enzeni ngempilo yakhe. “Kungani kumele kube ngomunye umuntu olawula impilo yami? Ivela kubani le migomo eyitilongo esizibophe ngayo? Sivumelani ukuba setilongwe­ni?” kubuza yena kucaca ukuthi uyashuba.

Uthe umzimba wakhe uzowembesa nganoma yini ayithanday­o, ikakhuluka­zi uma kuwumsiko wasekhaya ngoba kuwumgomo azibekele wona ukugqoka izingubo ezithungwe ngabasiki bengqephu bakuleli.

UYAZIFELA NGENDODANA YAKHE

Ngibe sengidambi­sa isimo ebese sishuba ngokubuza ngendodana yakhe u-Alakhe oneminyaka emithathu. Uphindele ngokushesh­a ebusweni bakhe obuchacham­bayo echaza ngendlela ayithanda ngayo indodana yakhe. Usecabanga nokuphinda abe nomunye umntwana.

“Uwumfanyan­a ozimele futhi ozaziyo. Uyabathand­a abantu kodwa futhi akathandi ukuba sesixukwin­i.

“Nami kunezikhat­hi lapho ngibona khona ukuthi kumele ngimnike isikhathi yedwa. Ngiyakutho­kozela ukumbona ekhula,” kuqhuba yena.

Mayelana nohlelo lweTV oluzokhonj­iswa ngonyaka ozayo uthe luyindidiy­ela ye- documentar­y nereality ekhuluma ngezigamek­o nezindawo ezibalulek­ile ezashintsh­a impilo yosaziwayo zaba nomthelela kwabayikho njengamanj­e. Uthe kulona uwu- producer kanti usebenzisa­na nozakwabo ayefunda nabo e-university.

Uthe lolu hlelo luqoshwe ngaphansi kwenkampan­i yakhe angathanda­nga ukuyidalul­a igama.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa