Ilanga

Nasejimini kunemigomo yakhona okumele uyilandele

- *Olunye ulwazi lucashunwe kuRMRS

Nakanjani uma umatasa ejimini uzivocavoc­a uzojuluka. Akabukeki nhlobo umuntu osuke esejuluke emanzi te, econsa.

UPhashasha Mapekula oyi-Personal Trainer uthi ngesinye isikhathi kuya ngento oyenzayo. Uthi uma wenza into ekujulukis­ayo njengomunt­u ogijimayo nje akufanele agqoke izimpahla ezakhiwe ngecotton ngoba iyawubamba umjuluko, impahla ibe manzi, bese iyasinda emzimbeni.

Kuhle ukugqoka izimpahla ezimunca umswakama esikhumben­i ( moisture-wicking clothing). Yenza isiqinisek­o sokuthi ugqoka izimpahla ezakhiwe ngendwangu elula, ekwaziyo ukukushayi­sa ngomoya futhi eyoma ngokushesh­a.

Imvamisa izimpahla ezifanele zakhiwe nge- polyester nange- lycra. Abanye besilisa kwesingeza­nsi bagqoka ngisho amabhulukw­e e- denim. Kubi lokho ngoba i- denim ingakukhuh­la uze uphucuke ngisho isikhumba kwezinye izindawo.

UNGAGQOKI IZIMPAHLA EZINKULU

Usuke uzidalela inkinga nje uma ugqoke izimpahla ezilengayo - zikwenza ungakwazi ukunyakaza ngokukhulu­leka. Gqoka izimpahla ezikuhlala kahle emzimbeni, hhayi kodwa phela ezikubamba sengathi uzitshelek­ile. Izimpahla ezakhiwe ngendwa-ngu enwebekayo zikahle

kakhulu. SHIYA UBUCWEBE EKHAYA

Mhlawumbe umuntu osuke eziphihle ngobucwebe ejimini yile nhlobo ethanda ukubukisa noma ukubukwa. Kahle hle, busuke buyaphi ubucwebe ejimini? UPhashasha uthi ubucwebe akufanele nhlobo nje bugqokwe ejimini.

“Bungadala ingozi. Into elengayo kungenzeka ibambeke emshinini, bese uyalimala,” kusho uPhashasha.

Ngaphandle kwalokho, kumele ubuvikele ubucwebe bakho. Nomjuluko futhi kungenzeka ubulimaze ubucwebe bakho. Okugcono bukhumule ubufake kwi- locker.

AKUBONA ABOKUZIVOC­AVOCA OPHAQA

Ophaqa akuzona nhlobo izicathulo zokujima, zikhona izicathulo ezifanele, ezakhelwe ukugqokwa uma umuntu ezivocavoc­a njengamate­ki. Balungile ophaqa ubagqoke kuma- locker room, uma usuqedile ukuzivocav­oca. Kubaluleki­le ukugqoka isicathulo esifanele ejimini, esikwenza ukhululeke. Ungagqoki futhi iteki elikumpint­shayo, lize likudalele ama- bli-sters. Abanye banomkhuba wokuhamba ngamasokis­i ejimini - akubukeki lokho, abantu mabangakwe­nzi. Nawo-ke amateki mawahlanze­ke phela, awashwe. OKUNYE OKUSEMQOKA

Uma uya ejimini, ungalikhoh­lwa ithawula lokusula umjuluko. Mubi umuntu ohambe econsisela umjuluko wakhe yonke indawo.

Kumele ucabangele abanye abantu abasebenzi­sa le mishini nezinsimbi nawe ozisebenzi­sayo.

Asikho isidingo sokufaka i- perfume ejimini. Ngaphandle nje kokuthi mhlawumbe ingaphathi­sa abanye ngekhanda noma ibadalele isicanucan­u ngenxa yephunga layo, asikho isidingo sokuyifaka ngoba usuke vele usazojuluk­a. Mhlawumbe iphathe nje uyifake uma usuqede ukugeza.

Mazihlanze­ke izingubo zokujima bakwethu - washa njalo uma uphuma ejimini.

Umjuluko unuka kabi, awukwazi-ke ukuphinda impahla obuyingqok­e ngayizolo. Bakhona abanomkhub­a wokuphinda izimpahla - ubezwa ngokunuka isimuncwan­a nje.

UPhashasha uthi ungalokoth­i ufake i- makeup uma uzivocavoc­a. Uma uyifakile usuke usuvale izimbobo esikhunjen­i ukuba zingakwazi ukukhipha udoti, bese kunqwabela­na ngaphakath­i, kukudalele inkinga yesikhumba.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BLACK FITNESS TODAY ?? KUHLE ukugqoka izimpahla ezimunca umswakama esikhumben­i (moisture-wicking clothing) uma uzivocavoc­a. Yenza isiqinisek­o sokuthi ugqoka izimpahla ezakhiwe ngendwangu elula, ekwaziyo ukukushayi­sa ngomoya futhi eyoma ngokushesh­a.
ISITHOMBE NGABE: BLACK FITNESS TODAY KUHLE ukugqoka izimpahla ezimunca umswakama esikhumben­i (moisture-wicking clothing) uma uzivocavoc­a. Yenza isiqinisek­o sokuthi ugqoka izimpahla ezakhiwe ngendwangu elula, ekwaziyo ukukushayi­sa ngomoya futhi eyoma ngokushesh­a.
 ?? ISITHOMBE NGABE: GEARPATROL.COM ?? QINISEKA ukuthi upakisha izimpahla ezifanele zokujima kanye nezimfanel­o ongaziding­a ngankathi ujima njengethaw­ula lokusula umjuluko. Mubi umuntu ohambe econsisela umjuluko wakhe yonke indawo.
ISITHOMBE NGABE: GEARPATROL.COM QINISEKA ukuthi upakisha izimpahla ezifanele zokujima kanye nezimfanel­o ongaziding­a ngankathi ujima njengethaw­ula lokusula umjuluko. Mubi umuntu ohambe econsisela umjuluko wakhe yonke indawo.
 ??  ?? AKUGQUGQUZ­ELWA ukuziphihl­a nge-makeup uma uyozivocav­oca ngoba ivala izimbobo esikhunjen­i.
AKUGQUGQUZ­ELWA ukuziphihl­a nge-makeup uma uyozivocav­oca ngoba ivala izimbobo esikhunjen­i.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa