Yini edala isifo i-Alzheimers
Ongoti bachaza izinhlobo eziningi ze- dementia, ezinye zazo yilezi ezilandelayo: Mild Cognitive Impairment Alzheimer’s Disease Dementia (okusho uhlobo olubangelwa yisifo se-Alzheimer) Mixed Dementia Vascular Dementia Young Onset Dementia Frontotemporal Dementia Aids Dementia Complex (ebangelwa yingculaza) nezinye
nezinye izifo eziningi kunalezi ezibalwe lapha ngenhla. Lesi yisifo esingamahlalakhona ( chronic) esingenisa kancane, kancane bese siya ngokuba sibi ngokuhamba kwesikhathi. Ingxenye engu-60% kuya ku-70% wabanenkinga yokulibala izinto ibangelwa yisona lesi sifo. Ezinye zezimpawu zaso yinkinga ekusebenziseni ulimi olukhulumayo, wukungazazi ( disorientation) nokungenza umuntu aduke, wukuba nenkinga yokukhumbula izinto ezisanda kwenze - ka,
wukuphelelwa wumdlandla, wuguquko endleleni ozizwa ngayo ( mood swings), wukungazinakekeli, nendlela oziphatha ngayo.
Kuyenzeka isiguli sidideke engqondweni, sibe nobunzima ukukhumbula amagama okumele siwasebenzise nxa sikhuluma, nokungabakhumbuli abantu nezehlakalo.
Ukulimala kwama cells emithambo yemizwa yobuchopho (neurons) kusuke sekuqhubeke iminyaka ephakathi kweyi-10 kuya kwengama-20 phambi kokuba izimpawu zo
kukhohlwa zivele.
Kuthiwa lokhu kuthikamezeka kokusebenza kwengqondo smoke detectors), carbon monox- ide;
Indlela enyukela esitezi ngezitebhisi ( stairway) kumele ihlale ikhanya;
Khiyela imishanguzo ekhabetheni noma endaweni ekhiyekayo;
Amanzi okugeza angashisi kakhulu ukuze kugwenywe ingozi yokuzishisa kwesiguli.
Ekugcineni isiguli sithola ukunakekeleka kangcono esandleni sabantu abaqeqeshelwe lokho futhi abenza lowo msebenzi ngokugcwele.
* Ulwazi: www.dementiasociety.org