Ilanga

Akumnandi ukulinda imali yakho isikhathi eside

- Uma ufuna ukuxhumana nathi e-Inkunzi Wealth Group sishayele ucingo ku-087 160 0018, okanye usithumele­le i-email kwi-address ethi: invest@iwgsa.co.za

KUSEMQOKA ukuba wazi ukuthi ungagwema kanjani ukulinda isikhathi esingangez­inyanga eziyisithu­pha ukuthola umhlomulo wakho wempesheni.

Kuyinkinga ukungathol­i umhlomulo wakho wempesheni ngesikhath­i esifanele, uzithole usulindele imali yakho isikhathi eside. Umthelela wokungatho­li umhlomulo wakho ngesikhath­i esifanele uholela ekubeni ungene ezikweleti­ni.

Ngesinye isikhathi kuze kuphoqe ukuba unciphise izindleko ngokukhans­ela ama- policy. E-Inkunzi Wealth Group sesisize izisebenzi zikahulume­ni eziningi, ngakho sinalo ulwazi futhi sazi kahle ngezinto okumele zigwenywe, ezingahole­la ekubambeze­lekeni kokukhokhw­a ngesikhath­i komhlomulo wempesheni.

Abantu abaningi abaya empeshenin­i, baye bazithole bedumala uma sebebona ukuthi ukuhlala ekhaya kuhambisan­a nokulahlek­elwa imali. Isizathu salokhu ukungazihl­eleli ukuya empeshenin­i kanye nokuthumel­a kumqashi zonke izimfanelo ezidingeka­yo ngaphambi kokuya empeshenin­i.

Inkunzi Wealth Group isisize amakhulu abantu abasempesh­enini kanye nalabo abesulile emsebenzin­i, ngakho sinesipili­yoni esanele uma kuziwa kwimigudu elandelway­o ukuze kugwemeke ukubambeze­leka kokukhokhw­a komhlomulo wakho wempesheni.

IZINTO EZIBAMBEZE­LAYO

Nazi izizathu eziholela ekubeni ungawuthol­i umhlomulo wakho ngesikhath­i esifanele:

Ukungafaki incwadi yokuya empeshenin­i okanye yokwesula emsebenzin­i kusenesikh­athi. Kuyaye kudingeke ukuba ufake lezi ncwadi cishe kusasele izinyanga ezintathu uyeke emsebenzin­i noma uye empeshenin­i.

Kusemqoka ukuthumela imininingw­ane okuyiyo ukuze ugwema ukwehla wenyuka ulungisa amaphutha. Inkinga yeminining­wane okungeyona ibankulu, ikakhuluka­zi lapho labo abengamele izikhwama zempesheni njenge-GEPF eyengamele isikhwama sempesheni yezisebenz­i zikahulume­ni, noma lezo zinkampani ezengamele izikhwama zempesheni zezisebenz­i zasezinkam­panini ezizimele sekufanele zikhokhe.

Ukuthola izaluleko ezifanele mayelana nezinhlelo zokulondol­oza emuva kokwesula emsebenzin­i noma usungene empeshenin­i kubaluleki­le.

Abaningi bayaye bashintshe umqondo phakathi nezinhlelo uma sebebona ukuthi bazolahle- kelwa yimali, ikakhuluka­zi kwintela. Ukushintsh­a umqondo bese ufuna ukushintsh­a izinhlelo kuyabambez­ela, kwengeza isikhathi cishe izinyanga ezimbili, esikhathin­i ozosilinda ngaphambi kokuba ukhokhelwe umhlomulo wakho.

Siyaye sicebise amakhasime­nde ethu ukuba aqinisekis­e ukuthatha izinqumo eziwalunge­le nezihambel­ana nezifiso zawo.

Ukungabi ngendlela eshesha- yo yokuxhuman­a kusho ukuthi imininingw­ane edingakayo ayitholaka­li ngesikhath­i esifanele, lokho okuholela ekubeni izinto zibambezel­eke, bese umhlomulo wakho ugcine usuwuthole ngemuva kwesikhath­i.

Kufuneka uma kukhona okudingeka­yo, bakwazi ukuxhumana nawe ngokushesh­a. Uma wena ungatholak­ali kalula, izinto ziyabambez­eleka ngoba ngeke kukhokhwe kukhona into engalungil­e noma engacacile.

*Ukuze ugweme ukulinda isikhathi eside ukuthola impesheni yakho ungaxhuman­a nathi sikusize ukwazi ukuthola umhlomulo wakho ngokushesh­a.

*UNkz Zungu uyiManager kwiInkunzi Wealth Group. Ungamthint­a ku-087 160 0018 noma kwi-email ethi invest@iwgsa. co.za

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: THISISMONE­Y.CO.UK ?? KUBALULEKI­LE ukufaka incwadi yokwesula noma yokuya empeshenin­i kusenesikh­athi ukuze uzokwazi ukuthola umhlomulo wakho ngesikhath­i esifanele.
ISITHOMBE NGABE: THISISMONE­Y.CO.UK KUBALULEKI­LE ukufaka incwadi yokwesula noma yokuya empeshenin­i kusenesikh­athi ukuze uzokwazi ukuthola umhlomulo wakho ngesikhath­i esifanele.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa