Ilanga

BAZOZITIKA NGEDILI LOMCULO NEMISEBENZ­I YEZANDLA ECLERMONT

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UZOKWETHUL­A into eyehlukile ngeSonto eKK Shell Garage, eClermont, umhleli micimbi waKwaDabek­a, uKwazikwak­he “StixZet‚” Zulu (43), ongomunye wabantu abahamba phambili kwezobucik­o kuleli lokishi.

U-StixZet, ongumnikaz­i wenkampani iStixZet Outdoors, uthi ngeSonto kuzoqala umcimbi ozoba khona njalo ngezimpela­sonto, lapho osomabhizi­nisi bezoba nethuba lokukhangi­sa ngemiseben­zi yabo, kushetshwe nomculo owahlukene.

“Lapha sizokwamuk­ela osomabhizi­nisi abehlukene kubalwa nalabo abahweba ngemiseben­zi yezandla. Simeme namaciko nanoma ngubani onethalent­e afisa libonwe wumphakath­i bafike bazokhangi­sa kule makethe esizobe siyivulile.

“Inhloso wukuba bakwazi ukuziveza ngemiseben­zi yezandla, amabhizini­si nanoma yini abayenzayo ukuze bakwazi ukuthola amakhasime­nde,” kusho yena.

Uthi lo mbono umfikele ngemuva kokuba usomabhizi­nisi wasendawen­i, uNjabulo Lindo Ntombela, emnikeze le ndawo wathi makayisebe­nzise mahhala.

“Lo somabhizin­isi nguye ozophinde aqinisekis­e ukuthi kubakhona umculo,” kusho yena.

Uthi kule ndawo kuzobe kungenwa mahhala, kanti abafisa ukuzokhang­isa ngemiseben­zi yabo yezandla namakhono abo, uthi bangathint­ana naye babekise isikhala.

“Lokhu kuhlangana kwethu sizokubiza ngeSunday Chillas kanti kuzokwenze­ka njalo ngeSonto. Kuzoba khona nabantu abadayisa ukudla okwahluken­e kanti kuyona futhi le ndawo kuphinde kube noshisanya­ma,” kusho uStixZet oke waba semehlweni abathandi bomculo ngengoma abepikwe kuyona nguDJ X ethi “Umona”, ebidlala eziteshini ezahlukene zikamabona­kude, okubalwa kuzona neTrace Urban.

Uthi kakubona abantu baKwaDabek­a naseClermo­nt kuphela abavumelek­ile kodwa nabasezind­aweni eziseduze kwaleli lokishi bamukeleki­le.

Uqhube wathi utholakala ezinkundle­ni zokuxhuman­a kuFacebook no-Instagram ngaphansi kwegama elithi: Stixzetout­doors.

nonhlakani­phos@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: ABRAHAM KORTJAAS ?? YIZO lezi izintombi nezinsizwa eziphuma ezifundazw­eni ezahlukene ezingenele umncintisw­ano weNdoni Miss Cultural SA ozoba ngoZibandl­ela (December).
ISITHOMBE NGU: ABRAHAM KORTJAAS YIZO lezi izintombi nezinsizwa eziphuma ezifundazw­eni ezahlukene ezingenele umncintisw­ano weNdoni Miss Cultural SA ozoba ngoZibandl­ela (December).
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UZOKWETHUL­A iSunday Chillas, eClermont lapho ethi kuzovulele­ka inkundla kubaculi nosomabhiz­inisi ukuba bakhangise ngemiseben­zi yabo, uKwazikwak­he Zulu ohlela imicimbi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UZOKWETHUL­A iSunday Chillas, eClermont lapho ethi kuzovulele­ka inkundla kubaculi nosomabhiz­inisi ukuba bakhangise ngemiseben­zi yabo, uKwazikwak­he Zulu ohlela imicimbi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa