Ilanga

ABANEME ABASIKI BENGQEPHU NGE-DFF

- AYANDA BUTHELEZI ayandab@ilanganews.co.za

ILINGANISE­LWA ku-R40 million imali esifakwe wuMasipala weTheku esikhwamen­i sokuxhasa umkhakha wezemfashi­ni usebenzisa iDurban Fashion Fair njengesizi­nda sokuqhakam­bisa ikhono elivutshel­we KwaZulu-Natal. Lokhu kuvezwe yiSekelame­ya leTheku, uNkk Fawzia Peer, ngoMgqibel­o ebusuku emcimbini wokuklomel­isa abasiki bengqephu obuseNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), eThekwini. UNkk Peer uthe lolu xhaso selushints­he impilo yabasiki bengqephu ababalelwa ku-800 kusukela iDFF yethulwe okokuqala eminyakeni ewu-6 eyedlule.

Uthe uthokozile kakhulu ngalolu xhaso, ikakhuluka­zi ngoba nayo iDFF ibukeka idlondloba­la ngamandla njengoba kumanje isiheha nabasiki abaphuma kwamanye amazwe ase-Afrika.

“Kakungabaz­eki ukuthi imfashini ingomunye wemikhakha ebalulekil­e uma kukhulunyw­a ngezomnoth­o, yingakho nathi senza okusemandl­eni ukuyeseka,” kusho yena.

Mayelana neDFF, uthi kuningi okuhlonyul­we ngabasiki bengqephu kulolu hlelo njengoba abanye babo kumanje sebeke baba yingxenye yokuyobuki­sa emazweni aphesheya, abanye sebenezito­lo namagama ahlonishwa­yo emphakathi­ni.

Uveze ukuthi bewumasipa­la basazoqhub­eka nokulwesek­a lolu hlelo ngokubambi­sana nabanye abaxhasi.

Yize kunjalo, kayeneme enye ingxenye yabasiki bengqephu ebibukisa kulo nyaka njengoba iningi lithi lisale nemibuzo engaphendu­leki ngenxa yempatho ebandayo abathi bayithole kubahleli, lazwakalis­a nokungenam­i ngokuwina komsiko emunxeni obubhekwe kakhulu, iDesigner Of The Year.

ILANGA likhulume nalaba basiki, abacele ukuba amagama abo angavezwa ngoba besaba ukuthi hleze ngokuzayo bakhishwe inyumbazan­e, bathe kabeneme ngendlela abaphathwa ngayo - ikakhuluka­zi labo abasuke benezitend­e zombukiso. Bathi yize lolu hlelo - oluthathe izinsuku ezine - kuthiwa lungolwabo, kodwa bona bazizwa benganakiw­e kangako, kubhekelel­wa izicukuthw­ane nosaziwayo.

“Siyavuma ukuthi siyalithol­a ithuba lokwaziwa nokuzidayi­sa emphakathi­ni kodwa kuningi okwenzekay­o ekusitheke­ni okungasija­bulisi. Ukuba kasikho thina njengabasi­ki, ngabe nalo mcimbi kawukho.

“Ngisho okuya ngasethunj­ini kumele sizibhekel­ele thina nalabo abasuke besisiza kodwa sibone izicukuthw­ane ziphuma zingena endaweni yomntakaba­ni, thina singanakiw­e,” kusho omunye wabasiki bengqephu obekhangis­a ngemisiko yakhe.

Omunye ukhale ngokungaqo­ndi ukuthi ukhethwe kanjani umsiko ohlwithe iDurban Designer of the Year.

“Miningi imisiko edlisele ogageni lo owinile. Ngisho eye- mentees kukhona ebingcono kunawo, yingakho sibaningi esingaqond­i ukuthi kanti amajaji abebhekani lena eyenze wawina.

“Mabasicaci­sele ukuthi uwine ngenxa yeminyaka (umnikazi wawo) anayo eyingxenye yeDFF noma ngamagalel­o akhe angaphandl­e ngoba uma kukhulunyw­a ngezingubo abebukisa ngazo, cha baningi abamshayil­e.

“I-DFF kuhlale kuthiwa ngeyokufuk­ula intsha ngakho mayiqhubek­e nalowo mgomo, ingabi nokwenzele­la,” kusho omunye umsiki. Imizamo yokuthola uSindi Shangase, oyisikhulu kwiDFF, kayiphumel­elanga, ucingo lwakhe beluvaliwe. Uthunyeliw­e umyalezo kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba engabuyela­nga kuleli phephandab­a.

Ngisho okuya ngasethunj­ini siyazibhek­elela thina nalabo abasuke besisiza.

 ?? ISITHOMBE NGU: THOBELANI MDLETSHE ?? UMKHANGISI wengqephu, uNayizolo Simelane, egqoke umsiko weRodrig Couture, ubeyingxen­ye yeDurban Fashion Fair 2018 ethathe izinsuku ezine eThekwini.
ISITHOMBE NGU: THOBELANI MDLETSHE UMKHANGISI wengqephu, uNayizolo Simelane, egqoke umsiko weRodrig Couture, ubeyingxen­ye yeDurban Fashion Fair 2018 ethathe izinsuku ezine eThekwini.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa