Usebenzisa ulwazi ukufukula abanye
Wenza konke okusemandleni ukulwela ukulingana ngokobulili
SIZIBOPHEZELE ekushintsheni impilo yabaswele isikhulu esiphezulu (Chief Executive Officer) saseInkosi Albert Luthuli Internantional Convention Centre (ICC), esithi izinkampani kumele zibe nezinhlelo zokufukula abesifazane. UNkz Lindiwe Rakharebe, oqale ukusebenza njengesikhulu esiphezulu e-ICC ngoMbasa (April) 2015, uyisishoshovu esilwela amalungelo abesifazane, sekuvele ukuthi i-ICC yenze kahle kwezemali iminyaka emithathu njengoba ingaphansi kwakhe. Lesi sikhungo sithole uxhaxha lwezindondo, okubalwa iWorld Travel Awards ngokuba yisikhungo semihlangano nezingqungquthela esivelele e-Afrika, sikleliswe ezikhungwe- ni eziwu-17 zezingqungquthela.
UNkz Rakharebe uthi uhlale efunda futhi ubeka imfundo phambili nokwabelana nabanye abantu ngolwazi ukuze bathuthuke.
Uthi isiphiwo sakhe esikhulu yisineke. “Singabantu besifazane sinesiphiwo sokudalwa sokunakekela abantu, okuyisipho esivela kuNkulunkulu. Sizalwe neziphiwo ezehlukene, sabekwa emhlabeni ukufeza okuthile.
"Indlela okwazi ukusebenzisa ngayo ulwazi nokufukula abanye abantu imqoka kakhulu,” kusho uNkz Rakharebe.
Ugabe ngeziqu zeManagement Leadership azithole e-University of Free State nezeMarketing Management neManagement Development.
Ukufukula abantu besifazane uthi yinto ayizwa ngaphakathi, okungenye yezinto ezimenze waba sesigungwini seKwaZulu-Natal Network on Preventing Violence Against Women.
Isikhathi sakhe esiningi usisebenzisela ukuba semakomidini asiza aphinde asabalalise ulwazi ngosizi lwentsha ekhubazeke ngokomqondo. Nokho uthi akukho okwedlula ukuba ngumama nokuba nomndeni.
“Njengomuntu oyishoshozela kwezokulingana ngokobulili, ngifi- sa ukubona umhlaba lapho bonke abantu bengaxakwa khona wukungafani ngokwamasiko, inhlonipho kuyiyona ehamba phambili,” kusho yena.
Useke waba sezikhundleni zokuphatha kuwona womane amabhange amakhulu aseNingizimu Afrika.
Eminyakeni engaphezu kwewu30 esendimeni yezamabhizinisini, abonakele amagalelo akhe nobuhlakani kwezokuphatha nokuhola amathimba abukhali.
Ngonyaka wemali odlule, i-ICC ibe negalelo elikhulu ukufukula umnotho weTheku, owaKwaZuluNatal nowaseNingizimu Afrika. Ifake u-R4.7 billion, yadala amathuba emisebenzi awu-9 000 ngenxa yemisebenzi ebiyenzeka. UNkz Rakharebe uchitha isizungu ngokufunda nokuyobhucungwa ukuze avuseleleke.
Ungungoti wetiye, kanti uma evakashela kwamanye amazwe, kuba yithuba lokuba ezwe izinhlobo ezehlukene zetiye.
I-ICC izogubha iminyaka ewu-21 yaba khona edilini lekhethelo elimhla ka-27 kuMfumfu (October) ngaphansi kwesiqubulo esithi “21 Years of Changing Lives”.