Halala entathelini yeLANGA uNondaba ngokuhlabana ngendondo
IBONGELWE ezinkundleni zokuxhumana intatheli yeebhala ezemidlalo, uMzwamandla Zondi, ngokukhala yemuke nendondo yentatheli egila izimanga ngesikhathi kuklonyeliswa abenze kahle kwiKwaZulu-Natal Sport Awards ngoLwesibili kusihlwa.
UNondaba akaqali ukudlisela ogageni ezinye izintatheli eziloba ngezemidlalo njengoba eseyiqukula ihlandla lesine le ndondo.
Zekhethelo Ndlovu: Siyakubongela Mzwamandla Zondi, uwufanele lo mklomelo!
Chris Zondi: Mancinza ayidedele!
Phumlani Khanyile: Gagashe, Nondaba ngiyakuhalalisela bafo, imisebenzi yomuntu iyakumlandela. Siyakubongela mfowethu, ume njalo nje, yithina ofakazi.
Nathi Mbambo: Usebenzile, ikufanele le ndondo.
Cebo Thabani Buthelezi: Luqa, Nondaba!
Bongani A Zondi: Siyakubongela Mancinza
Xolani Dlamini: Siyakubongela, bekuvele kungeyakho, kade ngasho, bese kusele ukuthi uyilande nje kuphela.
Nonhlanhla OkaMashobane KaVela Jele: Kuna imvula yezibusiso Nondaba! Ukuzibeka kwakho phansi kwenza uThixo akuphakamise! Wena kaMancinza!
Welcome Mteto: Siyakubongela Gagashe.
Sibu George: Siyakubongela Nondaba.
Ngelinye ilanga anoke nibheke umasipala okhiqiza ithalente kwezemidlalo ezindaweni zasemakhaya ukukhuthaza nje le ntsha ekwanjayiphume - ngiyazi kalisetshenziswa leli gama!
Nkosi Hlophe: Siyakubongela bhuti wami, umsebenzi wakho uyancomeka. Gagashe, Nondaba, ume njalo mfowethu.
Justice Ncane: Siyakubongela Nondaba, ikufanele (le ndondo). Ukusebenza ngokuzinikela kunomvuzo.
Nhlanhla Mthembu: Siyakubongela, qhubeka nemisebenzi yakho emihle.
Somcebo KaLomantinyela Zondi: Halala Luqa, ubuye ngizokuhlabela iqhude lapha eSwatini.
Ningi Mdunge: Ngiyakubongela mngani wami, ngiyaziqhenya ngawe, ikufanele le ndondo, uyasebenza kakhulu. Ngaze ngajabula.
Sithembiso Sibisi: Ngiyakubongela qhawe.
Zama Buthelezi: Siyakubongela Mancinza.
Thabani Geshino Maphumulo: Siyakubongela Mzwamandla Zondi, usebenzile mfana.
Sphiwe Maphumulo: Nondaba!!!
Sifiso Ndlovu: Nondaba, Bhambatha kaMancinza, siyakubongisa nkunzi.
Nathi Ngcobo: Uyabona kuzomele ngikuthengele inyama yenhloko.
Jacqueline 'Kelly' Kellerman: (Uthole) umklomelo oconsisa amathe, siyakubongela.
Thuthuka Zondi: Siyakubongela ndodana, ume njalo Mancinza.