Ilanga

Kuthikamez­a namabhizin­isi ukumiswa kwezitimel­a

-

UMKHUBA omubi wokucekela phansi izitimela osuwandile eNtshonala­nga Koloni naseGauten­g, sewukapake­le nakuleli likaMthani­ya, njengoba abagibeli bazo beshise impahla yePassenge­r Rail Agency of South Africa (Prasa), neyezisebe­nzi zale nkampani eMlazi ngeledlule.

Ngenxa yalesi sehlo, iPrasa imise ukusebenza kwezitimel­a kuleli lokishi nakwamanye akhele iTheku, osekulimaz­e abagibeli ngoba phela kuphoqe ukuba bahambe ngamatekis­i namabhasi, okuyizinqo­la zokuthutha ezibiza ngokuthe xaxa kunezitime­la.

Ukumiswa kwezitimel­a sekuthikam­eze namabhizin­isi amancane njengoba labo abadayisa eziteshini nakuzona izitimela, bengakwazi ukudayisa impahla yabo kulezi zindawo ngoba bengekho abagibeli.

Imibiko ngokwenzek­a ngesikhath­i sesigameko, ikhomba ukuthi abagibeli benze lo monakalo ngoba bedinwe wukungafik­i ngesikhath­i kwezitimel­a, okwenza ukuba bafike sekwedlule isikhathi emsebenzin­i.

Ukumisa ukusebenza kwezitimel­a khona kubalimazi­le abagibeli, kodwa bekufanele zimiswe ukuze abenzi bobubi bezofunda isifundo sokuthi abakwenzil­e kunomphume­la ongemuhle.

Yebo, ukungasigc­ini isikhathi kwezinqola zokuhamba kuyanenga, kodwa kufanele sikusho lokhu; ukushisa izitimela, okuyimpahl­a kahulumeni ethengwa ngemali eshisiwe yabakhokhi bentela, kuwubuwula obuphindiw­e. Ukwenza lokhu kakunamqon­do sampela, futhi kukhomba ukungahlel­eki ngomqondo kwabenzi bomonakalo.

Empeleni kufana ncamashi nokuzigwaz­a ngowakho ngoba phela kwenza ukuba isibalo sezitimela ezisebenza­yo endaweni sinciphe, isimo sibe sibi kakhulu kunakuqala. Abantu abamosheka­yo kulesi simo ngabagibel­i uqobo. Kujwayelek­ile kuleli ukuba uma izinto zingahambi kahle, kusolwe uhulumeni, abantu bangazibhe­ki bona ukuthi yini abayenzayo ukulungisa isimo nokuthuthu­kisa izwe labo.

Kunesihlav­a ezweni, sokuba abantu bangaqali ngokufuna isixazulul­o ezinkingen­i esinazo, kodwa bajahe ukufuna ukusebenzi­sa udlame, okwenza isimo sibe sibi kakhulu kunakuqala.

Kanjalo siyathanda ukulandela okubi okwenzeka kwezinye izindawo, njengoba manje abantu baseThekwi­ni sebekopele ubuxhwangu­xhwangu bokushisa izitimela okudume kwezinye izifundazw­e.

Udlame olungenamq­ondo ngeke luphele kuleli uma izakhamizi ziqhubeka nokusonga izandla zingabakhu­zi labo abenza okubi, futhi zingaseben­zisani nabomtheth­o ukulwa nobugebeng­u.

Njengoba sihlale sisho kule ngosi, kufanele uqine umthetho ezweni, ukuze izigebengu zazi ukuthi uma ziwephula ziyothola izigwebo ezizifanel­e. Ngeke kulunge lutho kuleli lizwe uma siqhubeka nokuthethe­lela abantu abephula umthetho. Mawusebenz­e umthetho, bajeze abenza okuphamben­e nobulungis­wa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa