Ilanga

SIHLUKUNYE­ZWA YI-PRASA NGEZITIMEL­A

- Okhathazek­ile ETHEKWINI

MHLELI: Ngicela ukubeka umbono wami ngenhloso yokuveza isihluku sabaphathi bakwaPrasa la kwelikaMth­aniya. Mangiqale ngokuphawu­la ukuthi kangikuvun­i ukucekelwa phansi kwempahla ngenxa yokunganel­iseki ngezidingo.

Izikhulu ezimbili esengike ngazizwa zikhulumel­a iPrasa, zibalula ukuthi izitimela sezizindal­a, ungafunga ukuthi ziyaziqhen­ya ngalokho. Ngiyavuma impela nami ukuthi sezizindal­a zona, kodwa inkinga enginayo wukuthi kazisukang­a zaba zindala nje, ziguge kancane kancane.

Ngalesi sikhathi ziguga, bebengabon­i yini abakwaPras­a ukuthi kufanele kuthengwe ezinye? Kuyaziwa ukuthi izinto ezingamath­uluzi ziyaguga ngokuhamba kwesikhath­i, ngaleyo ndlela ngichaza ukuthi izikhulu mazingalok­hu zithi izitimela sezindala ngoba bekufanele zithengwe, kwazise bayakhokha abazigibel­ayo.

Kafushane nje, ubehlulile umsebenzi abawuqashe­lwe laba abaqondene nokuthengw­a kwezitimel­a, badlulwa ngisho nangumalum­e wami ongafundan­ga into etheni, kodwa uyazi ukuthi izinqola zakhe athutha ngazo umphakathi ziguga nini. Ngaleyo ndlela, uyazi ukuthi uzithenga nini ezizongena esikhundle­ni zazo. Abantu abaqashwa laphaya, baqashwa ngoba bewufundel­e umsebenzi, kodwa behluleke bancama ukuwenza. Bayizehlul­eki nje qha.

Ngokwami, behluleke kabili nangaphezu­lu. Okokuqala, behlulwe wukuthenga izitimela ngesikhath­i, okwesibili yilokhu kokuthatha isinqumo esinonya ngalolu hlobo kubantu abaswele (sokumisa izitimela) abanye bayizisulu zomlando waleli lizwe lethu.

Okunye okokungakw­azi ukuhlinzek­a ngezokuphe­pha ezisezinge­ni eliphezulu, abagibeli babanjwa inkunzi mihla namalanga ezitimelen­i futhi zigcwala ngokweqile, abagibeli baze balenge ngaphandle. Izitimela zihlale zishiywa yisikhathi mihla le. Nakujantsh­i sekwenile futhi kungcolile. Ukugibela izitimela kuyisihluk­u nje kukodwa, ikakhuluka­zi kwabesifaz­ane.

Lesi sinqumo (sokumisa izitimela) sikhombisa nokungawaz­i umlando waleli lizwe esiphila kulo. Ngeke ngimangale uma ngingezwa ukuthi ezinye zezikhulu zinezinqol­a zazo embonini yezokuthut­ha, okuzinika umhlomulo uma zimisa izitimela. Lezi ziphathima­ndla zakwaPrasa ziwulolu hlobo lwabantu oluthi uma lusuthi bese lucabanga ukuthi bonke abantu basuthi.

Le nto eziyenzayo iwukuxhaph­aza amandla ezinikezwe wona. Okunye okungimang­alisayo, wukuthula cwaka kwalezi zinhlangan­o ezihlala ziziqhayis­a ngokulwela amalungelo abantu nezisebenz­i. Lesi simo sinomthele­la ongemuhle ezimpilwen­i zabagibeli, yizisebenz­i nasemnothw­eni. Mababuyise izitimela, balungise amaphutha abo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa