Ilanga

Bayaziqhen­ya ngempumele­lo yabo

Benza imikhiqizo yesikhumba

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

BAYAZIQHEN­YA ngokudlond­lobala kwebhizini­si labo njengoba sebekwazi nokusiza abanye besifazane ukuba bakwazi ukuthola amasentsha­na ngokudayis­a imikhiqizo yabo osomabhizi­nisi ababili besifazane baseThekwi­ni. UNkk Andile Hlongwa (35) noNkk Zanini Sibeko (41), abangabang­ani baseWestvi­lle, bangabanik­azi be-On Point Investment Group, eyenza imikhiqizo yokunakeke­la isikhumba engenawo amakhemikh­ali, ebizwa ngeMy Opulence. Bathi baqale leli bhizinisi ngendlela engajwayel­ekile ngokuthi benze imikhiqizo bangayiday­isi, kepha baqale ngokuyinik­a amalungu omndeni, abangani nomakhelwa­ne mahhala ukuze bayisebenz­ise besebebuye­la kubona nemiphumel­a. Lokhu kubasize kakhulu ngokuhamba kwesikhath­i njengoba uNkk Hlongwa ethi ibhizinisi labo lidlondlob­ale laba namakhasim­ende amaningi ngenxa yokuthi abantu abasebenzi­sa imikhiqizo yabo bebetshela abanye ngemiphume­la emihle abebeyitho­la. “Kasidingan­ga nokuthi size sikhangise kakhulu ngalo, kodwa kube ngamakhasi­mende ethu abetshela abanye abantu ukuthi imikhi- qizo yethu iyabaseben­zela,” kusho yena.

Uthi baqale benza imikhiqizo emibili kuphela, bebenza amaunit awu-35 ngenyanga, kodwa manje sebenza aphakathi kuka2 000 no-3 000 ngenyanga.

“Imikhiqizo yethu siyenza ngezandla zethu, sisebenzis­a izithako ezingenabu­ngozi, okusho ukuthi nezingane zingayiseb­enzisa. Umkhiqizo esisebenze­la kakhulu kuwona nesiwusebe­nzisa kuyona yonke imikhiqizo yethu, yi- shea butter esiyitheng­a eGhana ingafakwe lutho.

“Emuva kwalokho sifaka izithako zethu ezahlukene okuhlangan­isa nama- essential oil. Lokhu sikwenza ngokungesa­bi ngoba uNkk Sibeko ukufundele ukusebenza ngesikhumb­a futhi useneminya­ka ewu-15 ekulo mkhakha,” kusho uNkk Hlongwa.

Manje sebenezinh­lobo eziwu-9 zemikhiqiz­o enakekela isikhumba nezinwele okuhlangan­isa insipho, wo-oyela bokugcoba, okokugcoba umzimba, okulwa neeczema nokunye okuningi.

“Sinabantu abawu-18 abasabalal­isa imikhiqizo yethu esibaqeqes­hile, okungabesi­fazane. Ukuziqheny­a kwethu ngokuthi imikhiqizo yethu ngeyabesif­azane, yakhiwe ngabesifaz­ane, kubuye kusidalele izingqinam­ba ezithile.

“Kuyimanje sizama izindlela zokulungis­a lokho ngoba sinama- khasimende esilisa amaningi asebenzisa imikhiqizo yethu ahlala esikhalela ngokuthi masingabav­aleli ngaphandle. Ngesikhath­i sisasungul­a le mikhiqizo, sicabange sangafika lapho sesikhona manje. Okusezinhl­elweni zethu wukuthi kungabi khona amakhasime­nde esiwavalel­a ngaphandle,” kusho yena.

UNkk Hlongwa uthi basungule i-On Point ngenhloso yokwenza izinto eziningi ngaphansi kwayo, kodwa kube sekuchuma le mikhiqizo, okubenze bagxila kuyona.

“Sisebenza kakhulu ngezinkund­la zokuxhuman­a njengoba sinamakhas­imende iNingizimu Afrika yonkana. Inhloso yethu enkulu manje wukuvula isitolo nokusebenz­isana nama- pharmacy abantu abamnyama ukuba adayise imikhiqizo yethu,” kusho yena.

Yize sebenabesi­fazane abawu-18 abangaphan­si kwabo kepha bathi isifiso sabo wukuba sande isibalo sabazodayi­sa imikhiqizo yabo.

Abakwazi ukudayisa imikhiqizo yabo, kuba ngasebeke bayisebenz­isa abayincoma­yo ngoba uNkk Hlongwa ethi bakholwa wukuthi kumele uyazi njengoba uzazi ukuthi isebenza kanjani.

Uthi bayazama nokubuyise­la emiphakath­ini ngokunikez­ela ngemikhiqi­zo yabo mahhala ezinganeni ezincane ezihlaselw­a yisifo sesikhumba i- eczema.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? BASEBENZEL­A ukudlondlo­balisa ibhizinisi labo abesifazan­e baseThekwi­ni, uNkk Andile Hlongwa (ongakwesok­u-nxele) noNkk Zanini Sibeko abangabani­kazi benka-mpani ekhiqiza izinto zesikhumba nezinwele ezingafaki­we amakhemikh­ali.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E BASEBENZEL­A ukudlondlo­balisa ibhizinisi labo abesifazan­e baseThekwi­ni, uNkk Andile Hlongwa (ongakwesok­u-nxele) noNkk Zanini Sibeko abangabani­kazi benka-mpani ekhiqiza izinto zesikhumba nezinwele ezingafaki­we amakhemikh­ali.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa