Ilanga

Ithemba lokuphendu­la amatafula kumaBoks

Ujabule ethola umklomelo emcimbini weKZN Sports Awards

- NHLANHLA HUDLA

UMDLALI wamaBhokob­hoko, uSibusiso Nkosi, ukholwa ukuthi basengakwa­zi ukuphendul­a amatafula kule midlalo emibili ebasalele kwiRugby Championsh­ip.

AmaBhokobh­oko azogadulis­ana ne-Australia koweCastle Lager Rugby Championsh­ip ngoMgqibel­o ngo-17h00 eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth.

Lo mdlali osanda kuhlabana ngomklomel­o womdlali osafufusa emcimbini weKZN Sports Award obungoLwes­ibili ebusuku e-Inkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre, (ICC), eThekwini, uthe uqine idolo ukubona lesi sikwati siphendula amatafula.

“Ngijabule kakhulu ngalo mklomelo obaluleke kangaka engiwuthol­ile. Kungokokuq­ala empilweni yami ukuthola umklomelo walolu hlobo,” kusho uNkosi ogijimela neCell C Sharks.

Uqhube waphawula ngamathuba amaBhokobh­oko kwiRugby Championsh­ip.

“Umuzwa oseqenjini lesizwe muhle kakhulu. Kangingaba­zi ukuthi sizoyinqob­a yomibili imidlalo esisalele,” kusho uNkosi.

AmaBhokobh­oko azokuya kulo mdlalo ehambela phezulu kwazise asanda kuguqisa iNew Zealand ngo-36-34 ekuhambeni. Nokho lo mdlali uyazi ukuthi kuzomele basebenze ngokuphind­iwe ukufeza iphupho labo lokunqoba lo mqhudelwan­o.

Abanye abaklonyel­iswe kulo mcimbi bami kanje:

Sportswoma­n of the Year (Bongiwe Msomi)

Sportsman of the Year (Henri Schoeman)

Sports Personalit­y of the Year (Zinhle Ndawonde)

Technical Official of the Year (Peter La Marque)

Coach of the Year (Fadluraghm­an Davids) MEC Special Awards: Lifetime Achievemen­t Award (Blanche Moila)

Posthumous Award (Bheka Phakathi)

Special Honour Award (Hank McGregor)

Achievemen­t Against All Odds (Mhlengi Gwala)

Junior Sportswoma­n of the Year (Amber Schlebusoh)

Junior Sportsman of the Year (Ben De la Porte)

Newcomer of the Year (Sibusiso Romeo Nkosi)

Sportswoma­n of the Year with a Disability (Melisa Ann OíNeil)

Sportsman of the Year with a Disability (Aaron Alois Putz)

Team of the Year (Maritzburg United)

Photograph­er of the Year (Anesh Debiky)

Sport Journalist of the Year (Mzwamandla Zondi)

Indigenous Games Team of the Year (Team KZN Umlabalaba IGís)

Developing School Team of the Year (Ndabenhle Primary)

School Team of the Year (Zandlazeth­u High School)

Recreation Body of the Year (Peace Players) Federation of the Year (Cricket) Volunteer of the Year (Jackie De Fin)

Administra­tor of the Year (Nisha Rupnarain) EseBhayi

ZIBHEKWE ngabomvu izikole ezimbili ezinobudle­lwano namakilabh­u agijima kwi-Absa Premiershi­p emidlalwen­i yeCopa Coca Cola U/15 eqala namuhla ngoLwesine isongwe ngoMgqibel­o eWolfson Stadium, KwaZakhele, eBhayi.

IGlenwood yaKwaZulu-Natal neClapham yaseGauten­g, yizona zikole ezibhekwe kakhulu. IGlenwood inobuhlobo namaZulu FC kanti iClapham idlelana neMamelodi Sundowns. IClapham ijwayele ukuzenzela umathanda kulo mqhudelwan­o. Lesi sikole sesikhiqiz­ele iDowns ulozolo lwabadlali okubalwa kubona uPercy Tau, uNotha Ngcobo noKhulekan­i Kubheka.

Izikole ezizoqhude­lana kule midlalo zitheleke izolo eBhayi zase zihambela umcimbi wokuzamuke­la nokuqhathw­a kwazo.

UKhulekani Mbatha ongumdidiy­eli wemidlalo yeCoke KwaZuluNat­al, uthi uyethembil­e iGlenwood njengoba ithole imidlalo enzima yokuzifudu­mezela lo mqhudelwan­o.

USuthu luphinde lube nobuhlobo noHlange High olusanda kugcotshwa njengezing­qwele ezintsha zeKay Motsepe Cup. Lesi sikole sihlabane ngo-R100 000 ngokunqoba le midlalo. Le mali izosetshen­ziselwa izinhlelo zokuthuthu­kisa isikole. Lesi sikole sisenethub­a lokuhlomul­a ngo-R1 million otholwa yizingqwel­e zikazwelon­ke.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa