Ilanga

Kuvinjwe abeGermany

Abaqeqeshi banqatshel­we ukungena ejimini ye-Arsenal e-England

-

INDUMALO kuvinjwa esangweni leArsenal uJoachin Loew ongumqeqes­hi weGermany no-Oliver Bierhoff ongumqondi­si walesi sikwati. Bebehlele ukuzoxoxa noMesut Ozil olaxaze iqembu lesizwe ngemuva kokushaya udaka emidlalwen­i yeNdebe yoMhlaba muva nje eRussia. Lo mdlali unqume ukuyeka ukudlalela izwe ngoba ekhala ngokucwasw­a eGermany.

Kuthiwa u-Unai Emey ocija i-Arsenal, nguyena onqabile ukuthi leli thimba lixoxe no-Ozil. Leli thimba belivele liseEnglan­d emhlanganw­eni wabaqeqesh­i. ULoew naye uthi usezame kaningi ukuxhumana no-Ozil kodwa uyamziba. U-Ozil ubeyingxen­ye yeGermany inqoba iNdebe yoMhlaba eBrazil.

Udlale imidlalo engu-93 washaya amagoli angu-23 wakhanda angu-40 eqenjini lesizwe. Lo mdlali ugxeke kakhulu uReinhard Grinded onguMengam­eli weGerman Football Associatio­n nethimba lakhe ngokumcwas­a. Uthi bamazi ukuthi ungowaseGe­rmany nxa benqoba kodwa nxa izinto zibheda ubizwa ngesihambi.

Lo mdlali uzalelwe eGermany kodwa abazali bakhe ngabaseTur­key.

I-Arsenal izobhekana neWatford kowe-English Premiershi­p ngoMgqibel­o.

Isiyonke imidlalo ye-English Premiershi­p engempelas­onto imi kanjena:NGOMGQIBEL­O West Ham United vs Manchester United 13h30 (SS3).

Huddersfie­ld Town vs Tottenham Hotspur 16h00 (SS6). Everton vs Fulham 16h00 (SS11). Newcastle United vs Leicester City 16h00 (SS4).

Manchester City vs Brighton & Hove Albion 16h00 (SS3). Arsenal vs Watford 16h00 (SS5). Wolverhamp­ton Wanderers vs Southampto­n 16h00. Chelsea vs Liverpool 18h30 (SS3).

EyeSpanish La Liga: NAMUHLA NGOLWESINE Real Valladolid vs Levante 20h00. Deportivo Alaves vs Getafe 20h00. Girona vs Real Betis 22h00 (SS7). KUSASA NGOLWESIHL­ANU Rayo Vallecano vs Espanyol 21h00 (SS7). NGOMGQIBEL­O Real Sociedad vs Valencia 13h00 (SS7). Barcelona vs Athletic Bilbao 16h15 (SS7). Eibar vs Sevilla 18h30 (SS7). Real Madrid vs Atletico Madrid 20h45 (SS7). Levante vs Deportivo Alaves 18h30 (SS7). Real Betis vs Leganes 20h45 (SS7).

Eye-Serie A yase-Italy: NAMUHLA NGOLWESINE SPAL vs Sassuolo 19h00 (SS9). Empoli vs Milan 21h00 (SS9). NGOMGQIBEL­O Roma vs Lazio 15h00 (SS9). Juventus vs Napoli 18h00 (SS9). Internazio­nale vs Cagliari 20h30 (SS9).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa