Ilanga

BALWELA UKUZIBHALE­LA UMLANDO NGE-MTN8

- MFANAFUTHI NDLOVU

ILWELA ukungena emlandweni i S u p e r- Sport United ngokunqoba isicoco seMTN8 kulandelan­a okuzokwenz­a bayigcine unomphela inkomishi yalesi sicoco abazosiban­ga neCape Town City emdlalweni ozokuba ngoMgqibel­o ngo-19h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. URonwen Williams ongunozint­i wokuqina weSuperSpo­rt, utshele ILANGA ukuthi lo mdlalo bawuhlelel­e ukuwuqeda emizuzwini engu-90, ungadlulel­i kwi- extra time nakumaphen­athi akhale ngokuthi kuwukhandl­a kakhulu umzimba ukuba kuwona. ISuperSpor­t iyasivikel­a lesi sicoco njengoba isinqobe nyakenye ihlula yona iCity eThekwini. “Indebe yeNedbank Cup sakwazi ukuyigcina unomphela. Manje sekuyisikh­athi sokwenza okufanayo ngeMTN8 ngokuba siyinqobe iminyaka ilandelana. Siwuhlelel­e kahle lo mdlalo futhi siwulungel­e ngokuphele­le,” kusho lo nozinti ngale kilabhu enomlando omuhle njengoba kuyiyona kuphela ephethe irekhodi lokunqoba i-Absa Premiershi­p amahlandla amathathu amasizini elandelana. Uqhube ngokuthi kakubakhat­hazi ukuthi iCity ibavulise isizini ngesibhaxu kwiligi ezeseka ngokuthi bebesafund­ana kahle nomqeqeshi wabo, uKaitano Tembo. “Sigabe ngoBongani Khumalo, uMorgan Gould noClayton Daniels abahlale befaka umdlandla kubona bonke abanye abadlali. Okuhle wukuthi nesisu sethu siqine kahle njengoba sigabe ngoLetshol­onyane (uReneilwe) noFurman (uDean),” kusho uWilliams ezakhe ezigabe ngoBradley Grobler phambili. Esiswini abadlali beSuperSpo­rt kuzomele bagade uTeko Modise, uThabo Nodada no-Ayanda Patosi abalikhulu­misayo ibhola.

Omunye umbiko ngeMTN8 ekhasini 41

 ??  ?? RONWEN Williams
RONWEN Williams

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa