Ilanga

USEJAHE UKUYONCELA ULWAZI KUMGADLI WOSUTHU

- SENZO SOKHELA

Ebika eseMelrose Arch, eGauteng

UFUNA ukuncela ulwazi kuSiyabong­a “Bhele” Nomvethe ongumgadli wamaZulu FC umdlali waseShowe oqokelwe ukuyozama inhlanhla kule kilabhu yaKwaZulu-Natal.

AbakwaNedb­ank, izolo ngoLwesith­athu emini bebenomcim­bi eMelrose Arch, eGauteng, lapho abadlali beqembu iNedbank Ke Yona bebezoveze­la emphakathi­ni amakilabhu abazozama kuwona inhlanhla inyanga yonke.

ULwazi “Mugabe” Mgwaba (19) ongumgadli odabuka oHologo, eShowe, KwaZulu-Natal uqokwe ukuzozama inhlanhla kumaZulu FC. Lo mdlali uthi kumjabulis­ile ukuqokwa ukuyojima nekilabhu yangakubo futhi kuzokwenza impilo yakhe ibe lula.

“Kungijabul­isile ukuqokwa ukuyozama inhlanhla ekilabhini yangasekha­ya. AmaZulu ngawathand­a kudala ngenxa yokuhle- leka kwawo. Impilo yami izokuba lula njengoba ngizokuba ngasekhaya, uma nginenking­a kuzokuba lula ukuthi ngixhumane nomndeni wami.

“Nokho engikujahe kunakho konke wukuyoncel­a ulwazi kuNomvethe ozothatha umhlalapha­nsi ngoZibandl­ela (December). Ungumgadli oseqophelw­eni eliphezulu, ngingajabu­la kabi uma ngingancel­a ulwazi ngaphambi kokuba ahambe. Ngaphandle kwakhe, kukhona uMabhudi Khenyeza naye onesipiliy­oni kanti noAyanda Dlamini ololonga isikimu seMultiCho­ice Diski Challenge kuningi engizokufu- nda kuyena ngoba naye ubengumgad­li,” kusho uMgwaba.

Uthi unethemba lokuthi abadlali boSuthu bazomamuke­la ngezandla ezimhlophe. Uhlu namakilabh­u abadlali beNedbank Ke Yona Team abazoya kuwona lumi kanje: Lwazi Mgwaba (AmaZulu), Maluleke Mathonsi (SuperSport United), Mzikayise Williams (Cape Town City), Nkanyiso Nene (Kaizer Chiefs), Sbonelo Majozi (Polokwane City), Sipho Sibiya (Baroka FC), Tebogo Mokgotsi (Black Leopards), Xolela Bonxa (Lamontvill­e Golden Arrows), Asivile Tom (Highlands Park), Axolile Kapo (Maritzburg United), Buyelekhay­a Velelwandl­e (Bloemfonte­in Celtic), Cameron Paulse (Orlando Pirates), Karabo Mookamedi (Mamelodi Sundowns), Lesley Pietesen (Free State Stars) noLunathi Mdatyulwa (Chippa United).

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa