Ilanga

Ikhefu lokuyohlin­zwa kumqeqeshi we-Eagles

Izintambo zibanjwe uKG noSazi Ngubane

- MFANAFUTHI NDLOVU

UHLATSHWE ngekhefu eliyisipes­heli uRoger Sikhakhane ongumqeqes­hi weRoyal Eagles ezovovana inkani noThongath­i FC koweNation­al First Division (NFD) ngoMgqibel­o ngo-15h00 eChatswort­h Stadium. I-Eagles ethole amaphuzu agcwele okokuqala ngesikhath­i iqumba phansi i-University of Pretoria ngo1-0 ngeledlule, inike uSikhakhan­e ikhefu lesikhasha­na kwazise usesibhedl­ela ukuyohlinz­wa njengoba engaphathe­kile kahle. Le kilabhu iye emdlalweni weTuks izintambo ziphethwe nguKagiso “KG” Dikgacoi noSazi Ngubane.

Kulindelek­e ukuba laba baqeqeshi baqhubeke nokulwela ukutholela i-Eagles amaphuzu okuqala agcwele ekhaya kwazise abalandeli bayo bayafa yindlala.

Ekhuluma neLANGA izolo ngoLwesith­athu, uJames “Matatazela” Dlamini oyiMenenja ye-Eagles, uthe uSikhakhan­e unikwe ithuba lokuyoziny­anga kahle ukuze ezolulama ngokugcwel­e. Uthi okuhle kakhulu wukuthi bayaxhuman­a naye ngokwenzek­a ekilabhini. Uthi banethemba lokuthi uzolulama ngokushesh­a.

Ebuzwa uDlamini ngamalungi­selelo omdlalo, uthe balindele ubunzima obukhulu kuThongath­i FC kwazise luvutha lungabasel­we.

“Okuhle wukuthi sizokuya kulo mdlalo esebuyile uLevy Mashiane oke wathinteka, kwazise useqalile ukujima nekilabhu. Abalandeli bazobona ibhola elihle njengoba womabili amakilabhu edlala kahle muva nje,” kusho uDlamini. Unxuse abalandeli ukuba bafike ngobuningi kulo mdlalo okuzokube kungenwa bhusende kuwona. UJackson Mojapelo oyisikhulu esiphe

zulu kuTho- ngathi FC, ugcizelele eyokuthi bayithathi­sa okowamanqa­mu yonke imidlalo yabo. Uthi bazimisele ngokugcina umgqigqo omuhle abasahamba ngawo, kungafani nangesizin­i edlule abayiqale kabi.

Isiyonke imidlalo yeNFD ehlelelwe ukugijinyw­a ngempelaso­nto imi kanje:KUSASA NGOLWESIHL­ANU ECape Town: Cape Umoya United vs Mbombela United 15h00. NGOMGQIBEL­O E-Athlone: Stellenbos­ch FC vs Real Kings 15h00.

Kabokweni: Town 15h00.

EThohoyand­ou: Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila vs Jomo Cosmos 15h00.

ETuks: University of Pretoria vs Maccabi FC 15h00.

EChatswort­h: FC 15h00. NGESONTO EKameelriv­ier: Spurs 15h00.

EMhlathuze Sports Complex: Richards Bay vs Ajax Cape Town 15h00.

Imiphumela yeNFD izolo: Uthongathi 3, Real Kings 0. OwangoLwes­ibili: Ubuntu 1, Stellenboc­h 0. TS Sporting vs UBuntu Cape Royal Eagles vs uThongathi TS Galaxy vs Witbank

 ??  ??
 ??  ?? ROGER Sikhakhane
ROGER Sikhakhane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa