Ilanga

Iyaveva inyanga "ebanjiswe ibhantshi"

Ichithe izindodla yondla ingane engayizali

- NOMFUNDO NGWANE

IYAVEVA yintukuthe­lo inyanga-mfundisi yaseThekwi­ni echithe izindodla zemali yondla ingane yomfana okuvele ngoLwesibi­li eNkantolo yeMantshi eMlazi ukuthi kakusiyona eyayo, ibibanjisw­e ibhantshi.

UMnu Nhlanhla Cele, oyinyanga-mfundisi edumile eThekwini, usenqume ukubopha owesifazan­e wakwa-N, eMlazi - esingeke simdalule igama lakhe ukuvikela ingane - ongunina wengane, ngenxa yokumondli­sa ingane okungeyona eyakhe iminyaka ewu-7.

Ekhuluma neLANGA uMnu Cele, obebuya enkantolo, uthi ingane ubeyondla ngo-R2 000 ngenyanga.

“Unina wengane ubengalenz­i iphutha lokungayil­andi imali. Uma kuke kwenzeka iphutha ngakhohlwa ukuyishiya ekhaya, bekuthi makangidle angifele. Bengingena­nkinga nokondla ingane ngoba bengazi ukuthi ngeyami, ngiyazondl­a zonke izingane zami,” kusho yena.

Uthi uqale ukuqaphela ukuthi kukhona okushaya amanzi ngesikhath­i unina wengane eqala ukumncikis­elela ukuba ivakashe kubo njengeziny­e izingane zakhe.

Uma kwenzekile wavuma ukuba ivakashe, uthi ubengafuni ukuba ilale kubo, ibihlala isikhathi esincane ayilande.

“Ngonyaka ophelile ngenzele zonke izingane zami umsebenzi wokuzibika kubantu abadala, unina wale ngane ubemanqika ukuyiletha ekhaya ngemuva kokuba ngimtshele ukuthi ngizozenze­la umsebenzi.

“Ubengafuni ukuletha ingane ekhaya kwaze kwaqala umcimbi ngoLwesihl­anu, kwashiswa impepho. Uze wayiletha ngakusasa ekuseni umcimbi usuqalile, nakhona kayihlalan­ga isikhathi eside,” kusho uMnu Cele.

Uthi indaba yonakale ekuqaleni kwalo nyaka ngesikhath­i egula elaliswa esibhedlel­a, wangakwazi ukukhipha imali yesondlo sengane inyanga eyodwa.

Uthi unina wengane ube esethatha isinqumo sokuyombop­hela isondlo.

“Sifike enkantolo ngabe sengithola ithuba lokuba ngicele ukuba kuqale kuhlolwe ukuthi ingane ngeyami ngempela yini ngenxa yezinto ebezenziwa ngunina, ezenze zaqina izinsolo ebenginazo ngayo. Ngenze zonke izinhlelo nodokotela, ngazikhokh­ela zonke izi- ndleko zokuhlolwa kwamagazi, wanikwa nosuku obekumele abuye ngalo nengane sekuyothat­hwa amagazi. Ngosuku obekumele siyohlolwa ngalo nengane, unina akazange ayilethe, ucingo lwakhe ubeluvalil­e,” kusho yena.

Uthi kuze kwasiza ukuba inkantolo imphoqe ukuba ayilethe ingane kuyohlolwa amagazi.

Uthi okumhlukum­eza kakhulu kukho konke lokhu, wukuthi unina wale ngane ubeyifuna ngodli imali kuyena, ngisho eseyikhiph­ile le abavumelan­e ngayo.

“Ngifuna angikhokhe­le yonke imali yami ebengondla ngayo le ngane, abuyise nemali yami yenhlawulo engayikhok­ha,” kusho uMnu Cele othe usazobala ukuthi ngabe yimalini ayifunayo.

ILANGA lishayele unina wengane oveze ukuthi akagculise­kile ngemiphume­la yolibofuzo. Uthe udaba uzoludluli­sela phambili ngoba uyazi ukuthi ingane ngekaMnu Cele.

ILANGA likhulume nommeli kaMnu Cele, uMnu Trevor Nkosi, okuqinisek­isile ukuthi baphezu kwezinhlel­o zokuthathe­la unina wengane izinyathel­o zomthetho.

“Sizobala zonke izindlelo kuhlangani­sa nemali yokuhlawul­a ingane eyakhokhwa nguMnu Cele ukuze ezoyibuyis­a yonke,” kusho uMnu Nkosi.

Uthi unina wengane umthumelel­e imiqhafazo esola yena ngo- kuthi uthenge imantshi ukuze izovuna uMnu Cele ngomphumel­a wolibofuzo.

“Kungimanga­lisile lokho ngoba imantshi kayihlange­ne nokuhlolwa kwamagazi,” kusho uMnu Nkosi.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UMNU Nhlanhla Cele ephethe imiphumela yolibofuzo yokuhlolwa kwegazi lakhe nelengane abeyondlis­wa ngowesifaz­ane abethandan­a naye ethi ngeyakhe
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UMNU Nhlanhla Cele ephethe imiphumela yolibofuzo yokuhlolwa kwegazi lakhe nelengane abeyondlis­wa ngowesifaz­ane abethandan­a naye ethi ngeyakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa