Ilanga

UBULALE UMQASHI EFUNA IHOLO

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

ZISABAMBE ongezansi izisebenzi zenkampani yonogada, iBlack Harks, eseSpringf­ields, eThekwini, emuva kokuba uzakwabo ebulale umqashi wazo phambi kwazo, ngoLwesibi­li, kubangwa ukuthi uyamxosha yize engamholel­ile.

ILANGA lithole ukuthi umsolwa (31) - esiligodli­le igama lakhe aze avele enkantolo, ushaye wabulala umqashi wakhe, uMnu Vincent Moodley, ngoba eseqashe omunye umuntu esikhaleni sakhe, ekubeni engamholel­ile.

UMnu Sizwe Mkhize, oyisiseben­zi sale nkampani, obekhona kwenzeka lesi sigameko, utshele ILANGA ukuthi umsolwa ufike emsebenzin­i njengenjwa­yelo ngoLwesibi­li ekuseni eyosebenza, wafica sekuqashwe omunye unogada engatshelw­anga lutho.

Lo nogada omusha ushiywe nguMnu Moodley umsolwa engakafiki emsebenzin­i.

Umufi ubeshiye umyalezo kulo nogada omusha ukuthi atshele umsolwa ukuba amfundise umsebenzi ngoba yena ngeke esasebenza kule nkampani, okumcasule kakhulu (umsolwa).

Ngokusho kukaMnu Mkhize, umsolwa utshele unogada omusha ukuthi ngeke akwenze lokho atshelwa khona ngenxa yokuthi ubengalith­olile iholo lakhe langenyang­a edlule.

Kuthiwa umyalele ukuba abuyele kumqashi wabo amtshele lokho.

Uthi nebala unogada umfonele uMnu Moodley wamazisa ukuthi umsolwa ukhala ngeholo lakhe, uthi ngeke amfundise umsebenzi.

UMnu Moodley kuthiwa akachithan­ga sikhathi, ufike ngokuphazi­ma kweso endaweni yokusebenz­a, wafica umsolwa ekwelinye igumbi ekhumula umfaniswan­o womsebenzi, elungisele­la ukuhamba.

Baqale ngokuhiliz­isana, uMnu Moodley esola umsolwa ngokungayi­hloniphi into amtshela yona. Kuthiwa umsolwa uthukuthel­e wagana unwabu, wadonsa induku ebiseduze kwakhe washaya ngayo uMnu Moodley.

Ngokusho kwesinye sezisebenz­i ebesikhona kwenzeka lokhu, esicele ukungadalu­lwa, umsolwa ushaye uMnu Moodley wathulela endaweni yesigameko.

Kuthiwa eseqedile ukumshaya, uqonde kuzakwabo omusha obezoqala ukusebenza, wamazisa ukuthi usemshaye waze wambulala umqashi wakhe ngenxa yokuthi ubengafuni ukumkhokhe­la.

Kuthiwa umsolwa uqede ukwenza lokhu wahlala elinde amaphoyisa ukuba ambophe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa abophe umsolwa oyedwa oficwe endaweni yesigameko. Uzovela namhlanje eNkantolo yeMantshi, eThekwini ngecala lokubulala.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa