Ilanga

IKHUZA IBUYA I-ANA EYASHAYWA NGESITHEND­E

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

IKHUZA ibuya i-Annual National Assessment (ANA) echithwe yizinyunya­na zothisha eminyakeni edlule ngenxa yokungagcu­liseki ngendlela ebisingeth­we ngayo.

Umqondisi walolu hlelo - lokubhalwa kwezivivin­yo olubheka ukuthi abafundi bayathuthu­ka yini ezilimini nakwiMaths - eMnyangwen­i wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Bongani Mjoli, uthi mhla ka-15 kuya kumhla ka-19 kuyona le nyanga, kuzobhalis­wa izikole eziwu-25, uGrade-3, 6 no-9 kuphela bese ngonyaka ozayo ibuya ngokusemth­ethweni kusona sonke isifundazw­e i-ANA.

Utshele ILANGA ukuthi okusha ngalolu hlelo wukuthi sezizobhal­wa emuva kweminyaka emithathu izivivinyo kanti eminyakeni edlule obekucasul­a othisha wukuthi kubhalwa unyaka nonyaka.

“Kuzoqokwa izikole ezimbalwa isifunda ngasinye. Empeleni lolu hlelo sesilubiza ngeSystema­tic Evaluation, ngoba sihlola ukuthi kuzohamba kanjani nokuthi ukhona yini umehluko ekufundise­ni kothisha.

“Njengoba zonke izikole zizobe zibhala i-ANA ngoMandulo (September) ngonyaka ozayo, kuyoze kuphinde kubhalwe ngo-2022. Ngalesi sikhathi kusamiwe, kuzobhekwa ukuthi yiziphi izinkinga ezitholake­le ekubhalwen­i kwalezi zivivinyo ezikhethek­ile nokuthi kulungiswa kanjani lokho,” kusho uMnu Mjoli.

Uthe lezi zivivinyo zizobe zigxile kwiMathema­tics nezifundo zolimi kuphela.

UNobhala weSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) KwaZulu-Natal, uNkz Nomarashiy­a Caluza, uthe sekwenzeka lokhu obekuyisip­hakamiso sabo beyizinyun­yana.

“Isidingo salolu hlelo besingasib­oni kwaze kwaba sihlala phansi nazo zonke izinhlaka zezemfundo kwavunyelw­ana,” kusho uNkk Caluza.

Imizamo yokuthola uMengameli weNational Teachers Union (Natu), uMnu Allen Thompson, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a ucingo lwakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa