Ilanga

WALIWE WABULALA UMKHWEKAZI NENGODUSO

Ubesesola ukuthi iyamjolela

- NOMFUNDO NGWANE

USHIYE isithombe esesabekay­o endodaneni yakhe eneminyaka emithathu ubudala, unogada odubule wabulala ingoduso yakhe nomkhwekaz­i wakhe phambi kwayo ingane izolo ngeSonto eMagwaveni, oThongathi ngoba esola ingoduso ngokuthi imalile ngoba isiqomile.

Umsolwa okumanje ugcwele izinkalo, kuthiwa udubule uNkz Nombuso Dube (34) ( osesithomb­eni) nonina, uNkk Thokozile Dube (60), sebeguqile bemncenga ukuba angababula­li, kodwa kuhlalwe phansi kuxoxwe inkinga yokwaliwa kwakhe.

UNkz Nonhlanhla Dube, oyindodaka­zi kaNkk Dube, obekhona ngesikhath­i kwenzeka lesi sigameko, utshele ILANGA ukuthi unina ubefike ngoLwesihl­anu esuka emakhaya eBhamshela, eyolungisa isimo phakathi kwalezi zithandani. Ubezophind­ela emakhaya namhlanje ngoMsombul­uko njengoba esethola amachaphaz­elo.

Uthi kufike umsolwa izolo ekuseni besalele - sekuvuke unina kuphela - wacela ukukhuluma nengoduso yakhe nayo ebisalele.

“Babingelel­ane kahle nomama ngesikhath­i efika, wacela ukuba amvusele udadewethu. Umama umngenise endlini, wabashiya bexoxa nodadeweth­u. Bengilele kwelinye ikamelo ngesikhath­i ngizwa kunyuka amazwi, kuzwakala ukuthi bayaxabana.

"Ngizwe usbari ethi kudadeweth­u makamtshel­e into eyodwa, ukuthi usamthanda noma cha. Udadewethu uphendule ngokuthi akasamthan­di kwabe sekuqhuma isibhamu,” kusho uNkz Dube.

Uthi unina ubekweliny­e igumbi ngesikhath­i kuqhuma isibhamu. Uphuthume kubona eyozama ukubalamul­a, wafica indodakazi yakhe incenga umsolwa ukuba bahlale phansi balungise inkinga yabo. Naye uNkk Dube ungene wancenga umsolwa ethi makehlise umoya, ahlale phansi nengoduso yakhe balungise inkinga yabo, abeke phansi isibhamu.

“Ngesikhath­i umama emncenga u-sbari, ubonakale sengathi uyamlalela futhi uyayizwa into ayishoyo. Kudlule umzuzwana sezwa sekuqhuma isibhamu okwesibili, ngaleso sikhathi ubesedubul­a umama nodadeweth­u,” kusho uNkz Dube.

Uthi udadewabo ubenamason­to amathathu ehlala naye njengoba ubehlala nomsolwa emqashweni. Uthi ingxabano yabo iqale ngesikhath­i umsolwa esola udadewabo ngokuthi kunowesili­sa athandana naye, kwazise ubethi kunezinkul­umo azibambe kumakhalek­hukhwini wakhe, ezixoxa nesoka.

Utshele ILANGA ukuthi bakhulumil­e nodadewabo bembuza ngezinkulu­mo ezikumakha­lekhukhwin­i, wabatshela ukuthi ngezowesil­isa omeshelayo, kabathanda­ni. “Thina besazi ukuthi sesingcono isimo phakathi kwabo njengoba efonile (umsolwa) ngoMgqibel­o ntambama bakhuluma kahle ocingweni, waze wakhuluma nendodana yabo. Simangele uma sekwenzeka lokhu,” kusho yena.

Ngesikhath­i ILANGA lifika kwaDube, amalungu omphakathi abegcwele egcekeni, ebabaza isihluku esenziwe ngumsolwa. Ikhansela lendawo, uNkz Zanele Khumalo - elizifikel­e mathupha endaweni yesigameko - lithe lisathukil­e namanje.

“Lo mfana ngiyamazi, ubejwayele nokungifon­ela uma kukhona izinto umphakathi okhala ngazo. Bekungumfa­na owukhathal­ele umphakathi futhi ehlonipha.

"Le nto ayenzile isethusile futhi kayifani nje naye,” kusho uNkz Khumalo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe amacala amabili okubulala, amaphoyisa athungatha umsolwa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa