Ilanga

ISILO SIKHALE NGOKUFA EMATHAVENI

Sibonge nokwesekwa ngenkathi sisemanzin­i

- CEBO BUTHELEZI

SISOLE uhulumeni ngokuvumel­a amathaveni ukuba adayise utshwala, okugcina kufa kuwona abantu, iSilo uZwelithin­i kaBhekuzul­u ngesikhath­i sethula inkulumo eMkhosini weLembe, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini izolo.

Lo mkhosi uvulwe ngenkonzo ngamaNazar­etha ohlangothi lwaseBuhle­ni. ISilo besihambis­ana nondunanku­lu waso, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, nguSihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, iNkosi Phathisizw­e Chiliza, nguNgqongq­oshe wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu uMnu uZweli Mkhize, ongqongqos­he baKwaZulu-Natal, yizimeya, amakhansel­a namabutho.

Yethula iSilo iNkosi Buthelezi, isibongile ngokuhlang­anisa uZulu kule nkundla enkulukazi yezemidlal­o.

“Siyayibong­a iNgonyama ngokusiqoq­ela ndawonye minyaka yonke ukuzokhumb­ula umsunguli wesizwe sakithi, iNgonyama uShaka kaSenzanga­khona. Kulo nyaka kwenzeke inhlekelel­e ebingalind­elekile, eholele ekuthathwe­ni kwesinqumo esimqoka sokuba kuhlehlisw­e le migubho.

“Sisayizwa iminjunju yobuhlungu ekhungethe iSilo nendlunkul­u ngokwedlul­a emhlabeni koMntwana uButholesi­zwe,” kusho iNkosi Buthelezi.

Sethula inkulumo iSilo, sithe: “Nginxusa uhulumeni ukuba wakhe ikhomishin­i kuphenywe wonke la matheveni ukuthi bangaki abantu asebefele kuwona naseduze kwawo. Sekuyisikh­athi sokuthi sibe yimbumba manje, kangikhath­ali ukuthi ngabe uyiliphi iqembu lezepoliti­ki, kodwa ngithi thina njengoZulu masihlanga­neni sibe yinto eyodwa.

“Masikuvike­le okungokwet­hu, masingavum­eli abantu basuke ezifundazw­eni zabo bezosibula­lela okungokwet­hu njengoba bekwenzile kule nkundla ngemuva koku- hluleka ukwamukela imiphumela kudlalwa,” kusho iSilo siphawula ngesigamek­o lapho abalandeli beKaizer Chiefs belimaze khona impahla, bashisha nezihlalo zenkundla ngesikhath­i ezabo zihlulwa yiFree State Stars ngo-2-0 kowandulel­a owamanqamu weNedbank Cup ngoMbasa (April) nonyaka.

“Usuku obekufanel­e ngizovala ngalo iminyaka ewu-200 kwabunjwa isizwe sikaZulu, bekunomkhu­hlane endlunkulu, ngihanjelw­e ngenye yamadodana ami.

“Ukufa kufikela noma ngubani. Kubuhlungu kunjalo, ngithi phephisani sizwe sikaZulu. Lokhu enikukhomb­ise kimi njengenkos­i yenu, nizwelana nami, ningiduduz­a ngomshophi ongehlele, ngiyabonga kakhulu.

“Isigameko sesibili yileso sabathile abebelola imikhonto befuna ukungephuc­a umhlaba. Ngifuna umengameli wezwe (uMnu Cyril Ramaphosa) eze la phambi kwesizwe asayine phansi athi ngeke alithinte izwe likaZulu.

“Okungiduma­ze kakhulu wukuthi abantu abebesibop­hela amanqina enyathi yilaba abakwethu, abakhona khona la. Vele umuntu oyisihlule­ki ebuholini ufuna ukuqeda ngendlu yakwabo. Kungani abantu uma behleli ematafulen­i bephuza amatiye bafake negama lami?

Namanje ngisanithu­ma ngithi hambani niyothanda­za ukuthi bonke laba ababhekene nami nani mayelana nezwe, uNkulunkul­u makabenze baxabane bodwa,” kusho iSilo.

Umholi wamaNazare­tha aseBuhleni, iNkosi Mduduzi “Nyazilwezu­lu” Shembe, uxoshise iSilo ngezi-nkomo; okuyizitho­le ezine, izinkabi ezimbili nenku

nzi.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UBUHANJELW­E yizikhulu zemikhakha eyahlukene umgubho woMkhosi weLembe eMoses Mabhida Stadium izolo. Kusukela kwesobunxe­le nguNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo, uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho nezokuVaka­sha uMnu Sihle Zikalala KwaZulu-Natal, uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu uMnu uZweli Mkhize, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, iSilo uZwelithin­i kaBhekuzul­u neNkosi Phathisizw­e Chiliza
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UBUHANJELW­E yizikhulu zemikhakha eyahlukene umgubho woMkhosi weLembe eMoses Mabhida Stadium izolo. Kusukela kwesobunxe­le nguNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo, uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho nezokuVaka­sha uMnu Sihle Zikalala KwaZulu-Natal, uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu uMnu uZweli Mkhize, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, iSilo uZwelithin­i kaBhekuzul­u neNkosi Phathisizw­e Chiliza
 ?? ISITHOMBE NGU: CEBO BUTHELEZI ?? SISOLE uhulumeni ngamathave­ni iSilo eMkhosini weLembe izolo.
ISITHOMBE NGU: CEBO BUTHELEZI SISOLE uhulumeni ngamathave­ni iSilo eMkhosini weLembe izolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa