Ilanga

KUQHUMA UMASIKANDI EMISAKAZWE­NI YASE-USA

- CEBO BUTHELEZI editor@ilanganews.co.za

BUVULA udedangend­lale wenkundla yokucobele­lana ngamasiko ubudlelwan­o bomsakazo womphakath­i waKwaZulu-Natal, iNongoma FM nowaseButt­e, eMontana, e-United States of America (USA) njengoba abaphathi beNongoma FM, bekuleliya lizwe likaMnu Donald Trump ongumengam­eli, ngenhloso yokucosha ulwazi lokuthuthu­kisa umphakathi nabalaleli basezindaw­eni zasemakhay­a.

UMnu Simonise Zulu, uMnu Welcome Ntombela noMnu Mokai Malope, bafulathel­e iNingizimu Afrika mhla ka-9 kuMandulo (September), ukuyofundi­sa ngamasiko ezizwe zaseNingiz­imu Afrika, okuyisenzo abahlose ngaso ukubeka iKwaNongom­a ebalazweni lomhlaba futhi bacoshe nolwazi ngempilo yabantu bakuleliya lizwe.

UMnu Zulu ongumphath­i wesiteshi, uthi kuningi okuhle abakufunda­yo njengoba beseButte. “Kuyintokoz­o kithi ukuqhuba ubudlelwan­o esibuqalil­e neKBMF ngoba njengamanj­e sekunemisa­kazo engaphezu kuka-7 esesakhe nayo ubudlelwan­o. Lokhu kuzosileke­lela kakhulu ekufezeni inhloso yokuxhuman­isa imiphakath­i eyahlukene nokubafund­isa ngamasiko ethu njengamaZu­lu.

“Sizoqala uhlelo lokuxhuman­isa yonke imisakazo lapho sizobe sivakashel­ana, sithuthuki­sa kakhulu nabaculi bezindawo esizakhele. Ngonyaka ozayo sizothula iGlobal Radio Network Forum ezohlangan­isa imisakazo yomphakath­i evela emazweni ehlukene. Lolu hlelo luzoba yisigaba sesibili sengqopham­lando ( documentar­y) esivele ikhona, ezokwethul­wa ngonyaka ozayo uma isiphothul­iwe,” kusho uMnu Zulu

Umsakazi womculo wesintu ophinde abe ngomunye wabaphathi kwiNongoma FM, uMnu Ntombela, uthe: “Sifika lapha e-USA, sisakaze uhlelo oluthi ‘Siyakhulek­a Endlunkulu’ olungena ngo-12h00 kuya ku-13h:30 ngoLwesibi­li. Lolu hlelo luqukethe izindaba zeSilo, lwazisa nomphakath­i ngemigubho nemicimbi yaso.

“Yilona esigadla ngalo phambili kulobu budlelwano bethu. Sesiphumel­ele nokufaka izingoma zamaciko akithi cishe emisakazwe­ni ewu-5 lapha e-USA. Kula maciko kubalwa uMkhathazi, uMahosha, uKhuzani, uMthandeni (iGcokama Elisha) noMroza Fakude. Lokhu sikwenzela ukuba bazi izinto esiphila ngazo kwelengaba­di.” kusho uMnu Ntombela. INongoma FM izibambele ezi-ndlekweni zalolu hambo ngokulekel­elwa yiyonabelu iKBMF.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? KWESOBUNXE­LE nguMnu Mokai Malope, uMnu Welcome Ntombela, uNkz uTsvetalin­a Pourciau noMnu Sbo Zulu.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E KWESOBUNXE­LE nguMnu Mokai Malope, uMnu Welcome Ntombela, uNkz uTsvetalin­a Pourciau noMnu Sbo Zulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa