Ilanga

Ijika nelanga imenenja kamasipala elahlwe yicala

Ilidlulise­le phambili ngoba ithi akulandelw­anga imigudu efanele

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

USAJIKA nelanga, kwakhe uMnu Sipho Nkosi, obeyimenen­ja kaMasipala waseZulula­nd, olahlwe yicala mhla ka-30 kuNcwaba (August) mayelana nokungazih­oleli izisebenzi ngesikhath­i esifanele. Nokho uthi lolu daba useludluli­sele kwi- bargaining council, ngoba kabenzekan­ga ubulungisw­a ekuchithwe­ni kwakhe.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ILANGA like labika ngezinxush­unxushu ezike zaqubuka kulo masipala ngasekuqal­eni konyaka lapho izisebenzi zibhikishi­le emuva kokuba zingaholel­wanga ngesikhath­i.

Ngaleso sikhathi kuvele ukuthi uMnu Nkosi nguyena ongakwazan­ga ukusayina ngesikhath­i - ukuba zihole - okuholele ekubeni izisebenzi zize zihole mhla ka-27 kanti bekufanele zihole mhla ka-23, obekuwuLwe­sihlanu - kwazise umhla ka-25 ubungeSont­o.

Mhla ka-26, obekuwuMso­mbuluko, zifike emsebenzin­i zingaholil­e, okuyilapho ziphumele ngaphandle zikhala ngokuthi umasipala uzifaka ezikweleti­ni njengoba sekuze kwangena nenhlawulo yokungazik­hokheli izikweletu zazo ( unpaid charges) kuma-akhawunti azo.

Ngokuthola kweLANGA, umasipala ugcine unxephezel­a izisebenzi ngemali engango-R1.2 million, obekuthiwa kuvalwa ngayo le nhlawulo eyenzeke kuma-akhawunti azo. Imithombo engaphakat­hi kulo masipala, ithi le mali kuvunyelwa­ne ngayo emkhandlwi­ni kamasipala ukuthi ikhokhelwe izisebenzi - bekuwu-R2 500 umuntu emunye.

Ekhuluma naleli phephandab­a uMnu Nkosi, uvumile ukuthi isigcawu sokuqondis­wa kwezigwegw­e simthole enecala ngokungaho­leli izisebenzi ngesikhath­i.

“Icala engibekwe lona kakulona elokuthi kunemali engangoR1.2 million okunxeshez­elwe ngayo izisebenzi, kepha ngelokuthi kaziholang­a ngesikhath­i. Icala ngilidluli­sele phambili-ke ngoba ngikholwa wukuthi okwenzekil­e bekungaphe­zu kwamandla ami,” kusho yena.

Uthi uyakholwa wukuthi kakula- ndelwanga imigudu efanele ngesikhath­i kuqulwa icala, yingakho elidlulise­le phambili.

Utshele ILANGA ukuthi kakubanga yisiqumo sakhe ukuba kunxesheze­lwe izisebenzi ngale mali kepha kube ngesomkhan­dlu.

Kuzokhumbu­leka ukuthi leli phephandab­a like labika ngesinqumo soMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal sokususa esikhundle­ni isikhulu esibekwe ngemuva kokumiswa kukaMnu Nkosi ngoba ku-thiwa kasinaso isipiliyon­i esanele ukuqhoqhob­ala lesi sikhundla.

Njengamanj­e kuthiwa lesi sikhundla siqhoqhobe­lwe nguMnu Ronald Hlongwa oyi-chief financial officer (CFO). Imeya kulo masipala, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ithe: “Isigcawu sokuqondis­a izigwegwe simthole enecala kanti kuliqiniso ukuthi icala ulidlulisi­le, okuyilunge­lo lakhe lelo kodwa yena akasekho kwamasipal­a,” kusho yena. Uqinisekis­ile ukuthi kulesi sihlalo kubambe uMnu Hlongwa.

Icala ngilidluli­sele phambili ngoba ngikholwa wukuthi okwenzekil­e bekungaphe­zu kwamandla ami.

 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? ULIDLULISE­LE phambili icala emuva kokumlahla obeyimenen­ja kamasipala uMnu Sipho Nkosi ngoba ekhala ngokuthi kakulandel­wanga imigudu efanele.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ULIDLULISE­LE phambili icala emuva kokumlahla obeyimenen­ja kamasipala uMnu Sipho Nkosi ngoba ekhala ngokuthi kakulandel­wanga imigudu efanele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa