Umculi uzibophezele kwabakwaMeyiwa
Uzonikela ngegilosa kuze kuphele unyaka
ZEHLE mi izinyembezi kuMnu Sam Meyiwa onguyise kaSenzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates - owadutshulwa wabulawa ngoMfumfu (October) 2014 ekubo kanina wengane yakhe, uKelly Khumalo, eVosloorus - ngesikhathi ehanjiselwe igilosa ngumculi we-gospel ngoMgqibelo.
UThando "Ndlovukazi" Mbatha ocula i-gospel, ubephelezelwa yinqwaba yabantu ngesikhathi evakashele uMnu Meyiwa osehamba ngesihlalo esinamasondo emuva kokushaywa yisifo sohlangothi.
Ekhuluma lo mculi - obeselalelwe nangabantu bendawo abaphume ngobuningi bagcwala umgwaqo befuna ukubona ukuthi kwenzekani kwaMeyiwa - uthe kuyethusa ukuthi kuze kuphela isikhathi eside kangaka ababulali bakaSenzo bengaboshiwe.
“Yinyanga abulawa ngayo le uSenzo, sekuyophela unyaka wesi-4 abulawa, kodwa ababulali bakhe basacanasa. Abantu ababesendlini ngesikhathi ebulawa, bayalazi iqiniso, kodwa ngeke sisho lutho uNkulunkulu uyoliveza iqiniso ngelinye ilanga. “Sihlale sikhuleka zonke izinsuku ukuthi iqiniso livele, kubanjwe abasolwa,” kusho uThando. Ukusho lokhu kwakhala amakhwela.
Le ntokazi izibophezele emndenini wakwaMeyiwa yathi njalo ngenyanga izowuhambisela ukudla. “Ngikwenza lokhu ngoba ngiyabazi ubuhlungu obuzwiwa wumndeni wakwaMeyiwa. Ngiyazi ukuthi lokhu engikwenzayo ngeke kumbuyise uSenzo, ngiyazi impilo inzima njengoba nobaba wekhaya esehleli phansi egula. Ngizowulekelela umndeni kuze kuphele unyaka ngiwulethela ukudla,” kusho yena.
ILANGA like labika ngale ntokazi lapho kuvele ukuthi ilaxaze umsebenzi wokuba ngumhlengikazi yajoyina umculo ngoba ithi inesifiso sokwelapha imiphefumulo eminingi ngomculo wayo. Kuzokhumbuleka ukuthi emuva kokubulawa kukaSenzo, miningi imikhankaso ebiqhutshwa kuzanywa ukuba kutholakale ababulali kodwa kuze kube manje lutho.
Kuke kwaboshwa umsolwa, wahlala izinsuku eziwu-14 esitokisini esolwa ngakho belu ukubulala uSenzo, kodwa wabuye wadedelwa. Lo nozinti owabulawa egila izimanga ekilabhini yakhe naseqenjini lesizwe laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana, washona kade edlale kahle ngayizolo iPirates ibhuquzisa i-Ajax Cape Town ngo-4-1 kwi-quarter final yeTelkom Knockout eCape Town, izulu liyidliva.
Phakathi kwabantu abawu-6 okuthiwa babekhona kubulawa uSenzo, kwakukhona nodadewabo kaKelly uZandile noLongwe Twala oyindodana kaSello "Chicco" Twala wodumo lwengoma ethi "We Miss You Manelo" - edume ngeminyaka ye-1980.
Nonyaka kuvele imibiko ethi uChicco uke wabhalela uMnu Fikile Mbalula obengungqongqoshe wamaphoyisa imilayezo eminingi ethi makabophe bonke abantu abebesendlini ngesikhathi kubulawa uSenzo.
Ngokuqala konyaka uMnu Mbalula uthembise ukuthi umbulali kaSenzo uzoboshwa kodwa uze wadliwa yizembe kwesokuba ngungqongqoshe kungakenzeki lokho.
Kube nethemba kungena uMnu Bheki Cele kwesikangqongqoshe wamaphoyisa njengoba ngoNhlangulana (June) nonyaka, eveze ukuthi udaba lwecala lokubulawa kukaSenzo lubalwa nezihamba phambili kwezimele zilandelwe.