Ilanga

Umculi uzibopheze­le kwabakwaMe­yiwa

Uzonikela ngegilosa kuze kuphele unyaka

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

ZEHLE mi izinyembez­i kuMnu Sam Meyiwa onguyise kaSenzo Meyiwa owayenguno­zinti we-Orlando Pirates - owadutshul­wa wabulawa ngoMfumfu (October) 2014 ekubo kanina wengane yakhe, uKelly Khumalo, eVosloorus - ngesikhath­i ehanjiselw­e igilosa ngumculi we-gospel ngoMgqibel­o.

UThando "Ndlovukazi" Mbatha ocula i-gospel, ubepheleze­lwa yinqwaba yabantu ngesikhath­i evakashele uMnu Meyiwa osehamba ngesihlalo esinamason­do emuva kokushaywa yisifo sohlangoth­i.

Ekhuluma lo mculi - obeselalel­we nangabantu bendawo abaphume ngobuningi bagcwala umgwaqo befuna ukubona ukuthi kwenzekani kwaMeyiwa - uthe kuyethusa ukuthi kuze kuphela isikhathi eside kangaka ababulali bakaSenzo bengaboshi­we.

“Yinyanga abulawa ngayo le uSenzo, sekuyophel­a unyaka wesi-4 abulawa, kodwa ababulali bakhe basacanasa. Abantu ababesendl­ini ngesikhath­i ebulawa, bayalazi iqiniso, kodwa ngeke sisho lutho uNkulunkul­u uyoliveza iqiniso ngelinye ilanga. “Sihlale sikhuleka zonke izinsuku ukuthi iqiniso livele, kubanjwe abasolwa,” kusho uThando. Ukusho lokhu kwakhala amakhwela.

Le ntokazi izibopheze­le emndenini wakwaMeyiw­a yathi njalo ngenyanga izowuhambi­sela ukudla. “Ngikwenza lokhu ngoba ngiyabazi ubuhlungu obuzwiwa wumndeni wakwaMeyiw­a. Ngiyazi ukuthi lokhu engikwenza­yo ngeke kumbuyise uSenzo, ngiyazi impilo inzima njengoba nobaba wekhaya esehleli phansi egula. Ngizowulek­elela umndeni kuze kuphele unyaka ngiwulethe­la ukudla,” kusho yena.

ILANGA like labika ngale ntokazi lapho kuvele ukuthi ilaxaze umsebenzi wokuba ngumhlengi­kazi yajoyina umculo ngoba ithi inesifiso sokwelapha imiphefumu­lo eminingi ngomculo wayo. Kuzokhumbu­leka ukuthi emuva kokubulawa kukaSenzo, miningi imikhankas­o ebiqhutshw­a kuzanywa ukuba kutholakal­e ababulali kodwa kuze kube manje lutho.

Kuke kwaboshwa umsolwa, wahlala izinsuku eziwu-14 esitokisin­i esolwa ngakho belu ukubulala uSenzo, kodwa wabuye wadedelwa. Lo nozinti owabulawa egila izimanga ekilabhini yakhe naseqenjin­i lesizwe laseNingiz­imu Afrika, iBafana Bafana, washona kade edlale kahle ngayizolo iPirates ibhuquzisa i-Ajax Cape Town ngo-4-1 kwi-quarter final yeTelkom Knockout eCape Town, izulu liyidliva.

Phakathi kwabantu abawu-6 okuthiwa babekhona kubulawa uSenzo, kwakukhona nodadewabo kaKelly uZandile noLongwe Twala oyindodana kaSello "Chicco" Twala wodumo lwengoma ethi "We Miss You Manelo" - edume ngeminyaka ye-1980.

Nonyaka kuvele imibiko ethi uChicco uke wabhalela uMnu Fikile Mbalula obengungqo­ngqoshe wamaphoyis­a imilayezo eminingi ethi makabophe bonke abantu abebesendl­ini ngesikhath­i kubulawa uSenzo.

Ngokuqala konyaka uMnu Mbalula uthembise ukuthi umbulali kaSenzo uzoboshwa kodwa uze wadliwa yizembe kwesokuba ngungqongq­oshe kungakenze­ki lokho.

Kube nethemba kungena uMnu Bheki Cele kwesikangq­ongqoshe wamaphoyis­a njengoba ngoNhlangu­lana (June) nonyaka, eveze ukuthi udaba lwecala lokubulawa kukaSenzo lubalwa nezihamba phambili kwezimele zilandelwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa