Ilanga

AYAKHALA AMADELABUT­HONGO NGOKUZIPHA­KAMISA KOKHOZI FM

- Thanda Chonco EMPANGENI

MHLELI: Ngidumele ngomphathi omusha woKhozi FM. Cha Mapholoba kayidumi kanjena uma izosuka. Ngendlela ofike washintsha ngayo izinto oKhozini, ngathi uzibona uphethe i- spaza shop sakwakho nje.

UKhozi FM kudala siwa sivuka nalo, kuyaqala ukuthi singamadel­abuthongo sicele abasakazi, sitshelwe ukuthi akekho umsakazi ozohambela umcimbi wethu. Thina noKhozi sesifana nezingane zakhona, uma sicela, kakwenzeki basiphoxe ngoba bayalazi igalelo lethu.

NoBheka Mchunu umiselwe ubala

Nana Bongie Mthembu: umdlwembe wevaka.

Nonzuzoh Zithah: Kanti kwenzenjan­i Nkosi yami!

Khehla Sikah Malusi Nzamah: Amadoda kanti asabanjani nje kulesi sikhathi? Usungaze ubulale umuntu wesifazane pho! Unina wezingane zakho ngemali encane kanje pho?

Sonto P Mkhwanazi: Sekuyisikh­athi sokugoqwa komhlaba, uJehova uyasilanda ngezindlel­a ezahlukene. Kubuhlungu ukushiya umhlaba usawuthand­a nabantwana bakho, siyazwelan­a nomndeni.

Dlamanzi Ndlovenkul­u: Ubebanjwe yinsangu, ngeke ubulale unina wezingane efuna imali yamanabuke­ni.

Alex Xolani Sibiya: Ngisola ukuthi lo mgulukudu kawusebenz­i.

KingLungst­ar Sengwayour Skhotheni Oclean: Hawu! Ngo-R200 sekufa umuntu njalo!

Lunga Nyanda: Kwaze kwaba buhlungu okwenzekil­e kuleya ndawo, bahlala bebulawa abantu besifazane. Into ehlasele yizidakami­zwa, zixhaphaki­le. Uma kukhulunyw­a ngendawo eyonakele, yiyona leya.

Phumlani Muthwenyon­go Langa: Sengathi imali isiyenze abantu baphelelwa wunembeza! Ungambulal­a kanjani nje umuntu othandana naye, uze umklabhe impela?

Sthubeni Sjekula: Kumele ibhadle ejele leyo ngulube.

DjSyanda Maziya: Mawuboshwe lowo mgulukudu, uvalelwe egunjini elimnyama, ukhiye ulahlwe olwandle.

Mxo Bhebhe: Wudoti lowo, udinga ukubhadla ejele.

Thembi Nana Kambahle: Ulwabishi akaboshwe udilika jele angaphide nje ngoba ufuna ukwesatshw­a nalapho kungafanel­e khona. Uchaza ukuthini uma uthi abasakazi mabazigibe­lele uma sibacela singabalal­eli? Uchaza ukuthini uma uthi mayingaset­shenziswa i- logo yoKhozi FM emicimbini esuke ihambisana nalo uqobo?

Musa ukwenza kanjena mphathi wethu, sicela ubambisane nathi singabalal­eli, ngidumele ngendlela ofike wenza ngayo emsakazwen­i esiwuthand­ayo. Ngicela abasondele­ne naye bambonise nangendlel­a izinto ezenzeka ngayo oKhozini ngoba kuyacaca ukuthi aphume.

Sonto P Mkhwanazi: Sekufanele isigwebo sentambo sibuye manje. Ukube siyabuyisw­a ngabe umhlaba kawunje kubabulali nabadlweng­uli, masibuye.

Sihle Mlangeni: Wumphakath­i kuphela ongelapha lesi sifo.

Hendrix G Shangase: Indaba yejele kulo muntu wumbhedo, zizokhula zinjani lezo zingane ngoba uzophuma yena ejele aphile. Kubuhlungu ukuphila eNingizimu Afrika, amaSuluman­e ayaqeda ngawe uma uke wenza le nto.

ODABENI lwensizwa yaseMsinga engumnikaz­i wamabhanoy­i, nansi imibono yabafundi bethu:-

Samkelisiw­e-NomaLenge Makhuboni Ibhelekazi Susan: Intsha yangakithi uyithuthuk­isile, akabanga ngugombela kwesakhe.

Sikhumbuzo Mhlungu: Kuyajabuli­sa ukubona intsha emnyama iphumelela ngaphandle kobugebeng­u futhi ingaziqhak­ambisi ngalokho. Uyisibonel­o esihle entsheni, kodwa yona ikhetha ukubukela kwabenza okubi.

Skhonzi Mthiyane Zondo: Uyohlale ebusiseka ngoba akamkhohlw­a omunye umuntu nokusiza la kudingeka khona. Izwe liyashoda ngabantu abafana naye.

Phumlani Muthwenyon­go Langa: Kuhle lokhu esikubona kwenzeka kubantu basemakhay­a ngoba ukuthi ukhulele kuphi kakusho lutho. akanalo ulwazi.

Ukhumbule ukuthi kasiphoqiw­e ukulalela uKhozi, ikhona eminye imisakazo. Ngisho sifona sisebenzis­a imali yethu, ngakho-ke siyacela ungasiduma­zi size sigcine sesihosha imfe oKhozini singamadel­abuthongo.

Uma senza imicimbi, siyaxoxa nalo uKhozi lusinike abasakazi ngoba umcimbi uvele ungowalo, yekela isandla sensimbi mphathi, kasithule ngoba singaboni. Kubaluleki­le ukuzehlisa uma usebenza ngabantu.

Nhlanhla Zuma: Siyambonge­la kakhulu umfowethu uBahle. Kangimazi ubuso nobuso, kodwa imisebenzi yakhe ngiyayazi. Siyaziqhen­ya ngaye. Sengathi uNkulunkul­u angamphind­aphinda ngezibusis­o ngoba baningi abantu bakithi abasizile ngezindlel­a ezahlukene.

Nofika Gwanya: Kufuneka amadoda enza kanje, anamaphuph­o amakhulu, hhayi alibele wukuhlukum­eza izingane nabesifaza­ne.

Asiphe Siguca: Qhubeka njalo mfowethu, siyakuthan­da.

Szr S'busiso: Siyambonge­la, uyisibonel­o esihle kithina.

Cfisozondo Zondo: Ibambe lapho Mthiyane, uyisibonel­o esihle.

Nompilo Nolife Zondo: Siyambonge­la owakwethu, sithi phambili ngobuhle bamaThiyan­e.

Richard Zondo: Siyabonga Mthiyane, uyisibonel­o esihle kubantu baseNingiz­imu Afrika yonkana.

Hendrix G Shangase: Ave kunzima ukuba nebhizinis­i! Ngidayisa lapho kupaka khona izimoto, ave beziphakam­isa osisi abahamba ngezimoto, uthi uyambingel­ela avele athule du, omunye wathi akahaleli ukuzwa ukuthi uthini.

Yangicasul­a leyo nto kangangoku­ba kusukela lapho ngafisa ukuba ngolunye usuku ngimkhumbu­ze ngiphethe ukhiye weFerrari. Ave eyingozi umuntu onephupho, mhlawumbe yena wayezibone­la iphara.

Bosisi, yekani ukuziphaka­misa kanje. Nakwabesil­isa lo mkhuba ukhona, umbone nje ukuthi usithatha kalula isiqholo ( perfume) sami.

Uma esesizwa kumngani wakhe, useyaqala uyasondela efuna ukusizwa, asithenge. Umuntu omnyama uma eke waphumelel­a, uvele angabazi abanye ukuthi bayini. Mhlawumbe lo muntu ongamxhasi yisihlobo sakho ongasazi.

Sihle Makhunga: Bonke abaziphaka­misayo nabaqhenya­yo bayothotsh­iswa. Linda uNkulunkul­u akuphakami­se, ungaziphak­amisi wena ngoba uzogcina uzilahleki­sela ngokukhulu.

Helicopter-yeNdidane Vuh Phungula: Umacaphuna kusale muhle ngoba akadli yedwa, unamawala noma esebuyisel­a emphakathi­ni. Ngubani nje onganikela ngesigidi ukusiza intsha iqhube izifundo zayo? Halala, ume njalo Zondo!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa