Idolobha elisha eNtshongweni
Kuningi okuzokwenzeka kule ndawo okuzodala amathuba emisebenzi
SEZIHUBELA sakusha izinhlelo zabeTongaat Hulett, zokuthuthukisa indawo yaseNtshongweni ibe sezingeni eliphezulu, ihehe nabatshalimali.
Lokhu kuvezwe yizikhulu zale nkampani yodumo lukashukela, ngesikhathi zihambele le ndawo nethimba leLANGA ngeledlule.
Kulindeleke ukuba iqophe umlando njengoba kwakhiwa ingqalasizinda ezoheha abatshalimali, okuzokwenza nempilo yabantu abakhele le ndawo ibe lula.
AbakwaHulett baveze ukuthi lolu hlelo oluzodla amahektha awu-2 000 omhlaba, kuhloswe ngalo ukuthuthukisa le ndawo kuphinde kusondezwe idolobha emiphakathini eyakhele okubalwa owaKwaNdengezi, owaseDassenhoek, eLuganda neHillcrest.
Phakathi kwezinto ezizokwakhiwa, yinxanxathela yezitolo ezoba wu-85 000 square metre, okulindeleke ukuba kuqale ngonyaka ozayo, yingqalasizinda okubalwa kuyona amafemu nezindawo zokuhlala abantu.
Lolu hlelo lokuthuthukiswa kwale ndawo lwehlukene ngezigaba, esokuqala yilesi okubhekwe ukuba siqale ukwakhiwa ngonyaka ozayo.
UMnu Michael Deighton,
oyimenenja engumqondisi kwezentuthuko kwaTongaat Hulett, uthe: “Ukuthuthukiswa kwale ndawo kuzoqalwa ngokunwetshwa komgwaqo, kanti isigaba sokuqala sokwakhiwa kwale ngqalasizinda sizovula amathuba emisebenzi awu-19 000,” kusho yena.
Lo msebenzi useduzane nomgwaqo owuthelawayeka, uN3, ohlanganisa iKwaZulu-Natal iGauteng neFree State.
UMnu Deighton uthi eminyakeni ewu-20 ezayo, lolu hlelo kulindeleke ukuba ludale u-400 000 wemisebenzi eyitoho newu-35 000 yabazoqashwa ngokugcwele.
Uthe umhlaba ongamahektha awu-1 000 kule ndawo, ubekelwe ukusetshenziselwa ezokungcebeleka.
“Le ndawo idume ngezokungcebeleka, ikakhulukazi ezokugitshelwa kwamahhashi, ukugijima, yizithuthuthu namabhayisikili. Inhloso yethu wukuba silenyuse izinga layo ukuze neminye imiphakathi izokwazi ukuzisebenzisa (ezokungcebekela zayo)."
Ukubhekelela izidingo zomphakathi kule ndawo eyaziwa njengesizinda sentuthuko, abeTongaat Hulett bazokwethula uhlelo oludidiyelwe olubizwa nge-Ithuba Programme, oluhlose ukuqinisekisa ukuthi izidingo nenhlalonhle yomphakathi ziseqhulwini.