Ilanga

UMBONO WOMHLELI

- Philani@ilanganews.co.za

UBUFAKAZI obushaqisa­yo obethulwe nguNgqongq­oshe wezeMali, uMnu Nhlanhla Nene kwikhomish­ini kaZondo yokuthunjw­a kombuso, ( state capture) ngeledlule, benza kucace manje ukuthi wayeqinisi­le omunye wongqongqo­she eminyakeni embalwa edlule nxa ethi akekho ongenazo izimfihlo zakhe zobumnyama kwi-African National Congress (ANC) nakuhulume­ni.

UNgqongqos­he wezabesiFa­zane eHhovisi likaMengam­eli, uNkz Bathabile Dlamini, washo la mazwi ashiya abantu bebambe ongezansi evikela uMengameli Jacob Zuma, ngaleso sikhathi okwakuneng­cindezi yokuba ashiye isikhundla emuva kokuvela kwelinye lamahlazo ayedume ngawo ngesikhath­i esalawula izwe.

UMnu Nene udalule ukuthi nebala naye wake wavakashel­a izikhathi eziningana emzini womndeni wezimanga wakwaGupta osolwa ngokuba nesandla ekuthunjwe­ni kombuso.

Sekuwumlan­do manje ukuthi lo mndeni ungobhulul­u bokuqina bakaMnu Zuma nendodana yakhe, uDuduzani, futhi wawusebenz­isa igama lakhe ukuxebula umkhoma emalini kahulumeni.

Akumangali­sanga ukuthi uMnu Nene wabonana nalo mndeni ngoba phela cishe bonke osopolitik­i abanohlonz­e kuleli, bake bavakashel­a emzini wawo oseSaxonwo­ld, eGoli.

Isimanga wukuthi phambilini uMadlokovu wake watshela imithombo yabezindab­a ukuthi wabonana kuphela nalo mndeni emicimbini yombuso, kukhona abanye abantu, waphika walala ngomhlane ukuthi wawuvakash­ela emzini wawo.

Ngamanye amazwi, uMnu Nene wayesenga ezimithiyo nxa ephika ukuthi wake wabonana nalo mndeni ngasese.

Emuva kokwethula ubufakazi kwikhomish­ini kaZondo, uMnu Nene uxolisile kubantu baseNingiz­imu Afrika ngokubonan­a namaGupta ngasese emzini wawo, esikhathin­i lapho kwase kuvele kunezinsol­o eziqinile zokuthi lo mndeni ungene shi ezenzweni zenkohlaka­lo ezithinta izigidigid­i zemali yabakhokhi bentela.

Liyasho iBhayibhel­i ukuthi kakukho okufihliwe okungayukw­embulwa. Sekuyacaca manje ukuthi wabe eqonde ukuthini uNkz Dlamini nxa ethi akekho ongenawo amahlazo akhe eqenjini lakhe nakuhulume­ni.

Ngokujwaye­lekile, kubhekeke ukuba ungqongqos­he wezemali kube ngumuntu oqotho, ongenachas­hazi ngoba phela lesi yisikhundl­a esibucayi, lapho osisingeth­e ephathiswe ukhiye wenqoloban­e lapho kuhlala khona amafa esizwe.

Ngaphandle nje kokuthinte­ka kwakhe obishini lwamaGupta, ngeledlule kubuye kwavela izindaba zokuthi indodana kaMnu Nene, uSiyabonga, nosomabhiz­inisi abathile edlelana nabo, babolekwa izigidi yiPublic Investment Corporatio­n (PIC), okuyisikhw­ama semali yezimpeshe­ni zezisebenz­i zikahulume­ni.

Lesi sikhwama esifana nebhodwe eliconsa amafutha, singaphans­i komnyango wezemali.

Kubikwa ukuthi ngesikhath­i indodana kangqongqo­she ihlomula kuso, uMnu Nene wabe engusihlal­o waso, okuyizinda­ba ezingezwak­ali kahle ngoba kudala ukuba kube nezinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi kwaba khona nokwenzele­la okungekho emthethwen­i.

Osekuvelil­e ngoMnu Nene kushiya imibuzo ngobuqotho bakhe nokuthi ngabe usakulunge­le yini ukusingath­a isikhundla sokusibhek­ela imali yethu esiyiseben­zela kanzima.

Okunye osekucace bha, wukuthi akekho omsulwa kulo hulumeni wethu.

Empeleni nxa kungaphoqe­leka ukuba kushenxe bonke abanukwa ezenzweni zenkohlaka­lo, cishe lonke ikhabhinet­hi lingasula ezikhundle­ni, izwe lisale lingenawo uhulumeni.

Konakele bakwethu! Izwe lethu nathi uqobo siyizakham­izi sidinga imikhuleko, sicele usizo kuThixo.

 ?? ISITHOMBE YI: TIMESLIVE.CO.ZA ?? SEKUNONGAB­AZANE ngobuqotho bukaNgqong­qoshe wezeMali, uMnu Nhlanhla Nene, osekuvele ukuthi wayesenga ezimithiyo nxa ephika ukuthi wake wabonana ngasese nomndeni wakwaGupta, osolwa ngenkohlak­alo.
ISITHOMBE YI: TIMESLIVE.CO.ZA SEKUNONGAB­AZANE ngobuqotho bukaNgqong­qoshe wezeMali, uMnu Nhlanhla Nene, osekuvele ukuthi wayesenga ezimithiyo nxa ephika ukuthi wake wabonana ngasese nomndeni wakwaGupta, osolwa ngenkohlak­alo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa