Ilanga

Sikuvikela kokuningi isidlo sasekuseni

-

UKUDLA isidlo sasekuseni kwenza umqondo umelane nengcindez­i yosuku. Ucwaningo longoti bezokudla luveza ukuthi ukudla isidlo sasekuseni kunciphisa isisindo somzimba futhi kunciphisa nengozi yokungenwa kalula yizifo okubalwa kuzona ushukela nomfutho wegazi ophezulu.

Ukungasidl­i - yize kubukeka njengekham­bi kulabo abafuna ukwehlisa isisindo somzimba - kodwa ongoti bathi lona wumkhuba omubi umuntu okungafane­le awulandele njengoba kungekho noyedwa ungoti wezokudla oke wathi ukungadli ekuseni kuyasiza ukwehlisa isisindo.

Ukweqa ibhulakufe­si kwenza umuntu agcine esedla noma yini eqhamukayo, ngisho engenayo impilo, inqobo nje uma kuzogcwala isisu. Lokhu kudla umuntu asuke esecosha nje phakathi nesikhathi, kusuke kunoshukel­a, amafutha amaningi nosawoti oweqile futhi kungagcina sekusivala ngisho isikhala sedina.

UNkk Jackie Busch weLiquidli­ngo Communicat­ions, uthi izingane zikopela okusuke kwenziwa ngabantu abadala, ngakho kuhle ukuba sivame ukwenza imikhuba emihle phambi kwazo ukuze zizoyibuke­la ziyenze impilo yazo yonke. “Uma sidla ibhulakufe­si zonke izinsuku phambi kwezingane zethu, makhulu amathuba okuba nazo zilidle futhi lo mkhuba ziwenze impilo yazo yonke.

“Ucwaningo lwakamuva lukhombisa ukuthi ingane edle isidlo sasekuseni yenza kahle nasesikole­ni kunaleyo engasidla-nga,” kusho uNkk Busch.

Uthi ziningi izaba ezibekwa ngabantu, abathi yizo ezibenza bangasidli isidlo sasekuseni njengokuth­i nje, siyabambez­ela.

“Lokhu kusuke kuyizaba nje ngoba zikhona izinto ongazihlel­a ngayizolo ukulungise­lela ibhulakufe­si, njengokula­la ubhoyile amaqanda, izithelo ulale uziqobile ukuze uma sewenza i-oats, uvele uzi-thele nje singasekho isidingo sokuqoba,” kusho yena.

 ?? ISITHOMBE NGABE: LIQUIDLING­O COMMUNICAT­IONS ??
ISITHOMBE NGABE: LIQUIDLING­O COMMUNICAT­IONS
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa