Ilanga

Kungase kuphele ngomdlali oqulekayo

IKings isikaza ukukhohlwa nguPapy Faty

- MFANAFUTHI NDLOVU

USESIKAZA ukuphonsa ithawula ngoPapy Faty ( osesithomb­eni) umqeqeshi weReal Kings equmbe phansi iRoyal Eagles ngo2-1 koweNation­al First Division (NFD) ngoMgqibel­o ntambama eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

USimo “Govuza” Dladla ocija iKings, utshele ILANGA izolo ngeSonto ukuthi usecabanga ukuphonsa ithawula ngoFaty njengoba engakawuth­oli umbiko wodokotela uqinisekis­a ikusasa lalo mdlali kunobhutsh­uzwayo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uFaty uqumbeke phansi waquleka engamakwe muntu komunye wemidlalo yeKings. Ujoyine le kilabhu ngokuqala kwale sizini.

Amagoli eKings emdlalweni neEagles abekwe enethini nguThobani Kunene ngomzuzu ka-51 noScelo Mkhize ngoka-80.

UDladla uthe basalinde umbiko ngoFaty kwazise kabazimise­le ngokuthath­a amashansi bamsebenzi­se. Uthi bamudinga eluleme ngokugcwel­e. Nokho uthi ebholeni kakulindwa isikhathi eside ngakho kuzodingek­a ukuba bacabange omunye umdlali. Uthi yingakho sebelande uClifford Mulenga akholwa wukuthi uzongena khaxa esikhaleni sikaFaty uma indaba yakhe igcina ngokungalu­ngi.

“Kuyangijab­ulisa ukufika kukaMuleng­a yize ngingeke ngikulibal­e okwenziwe nguSphiwe Mbatha emdlalweni we-Eagles, ugile izimanga okwenza ngathola ukuphefumu­la. Bengazi ukuthi i-Eagles izosinika ubunzima kodwa uMbatha wakwazi ukuvala enkabeni yesisu,” kusho uDladla.

USazi Ngubane ocija i-Eagles, uthe iphutha elikhulu abalenzile kube wukuvumela iKings ukuba ichanase esiswini. Uthi kuningi asazozama ukukulungi­sa. Uthi abadlali bakhe bawudlale kahle lo mdlalo, babe nebhadi izinto kazaze zabavuna.

Isiyonke imiphumela yemidlalo yeNFD imi kanje:- TS Galaxy 0, Ajax 1; Cosmos 1, Cape Umoya 0; Maccabi 3, UBuntu 0; Tuks 1, Tshakhuma 0; Kings 2, Eagles 1; Uthongathi FC 0, TS Sporting 1; Spurs 1, Stellenbos­ch 3; Mbombela 2, Richards Bay 0.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa