OSEKUHLUKANISE I-CHIEFS NOKUQEDA ISIGWEBO
IHLUKANISWE yimidlalo emibili kuphela ye-Absa Premiership iKaizer Chiefs ukuphinda ibuyele ensimini izodlala ibukwa yizihlalo njengoba kwenzekile ihlulwa yiPolokwane City ngo-1-0 ngoMgqibelo kusihlwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Kule midlalo ezodlalwa yiChiefs ngaphambi kokubuyela eMabhida, kayibaliwe eyeTelkom Knockout. IChiefs izodlala ne-Orlando Pirates mhla ka-27 kwephezulu ngo-15h30 eFNB Stadium, eGoli. Ngemuva kwalokhu, iqhathwe neBlack Leopards ngoLwesithathu lomhla ka-7 kuLwezi (November). IziMpofana zizokube sezibuyela eMabhida mhla ka-10 kuLwezi zizoshukana neChippa United emdlalweni wesibili ozobukwa yizihlalo.
IChiefs igwetshwe ukudlala imidlalo emithathu KwaZulu-Natal ngaphandle kwabalandeli, kodwa yalengiselwa owodwa. Ibiqala uku- donsa lesi sigwebo ngesikhathi ihlulwa yiPolokwane enqobe ngembumbulu yegoli likaVusimuzi Mngomezulu alivalele sekusele amanenjana ukuba kusongwe isiwombe sokuqala. IChiefs isafake isicelo kwiPremier Soccer League (PSL) sokuthanjiselwa isigwebo.
Yize abalandeli beChiefs bebengavumelekile ukungena eMabhida, kodwa bebephume ngobuningi bevakashele eThekwini. Abanye bebehamba ngezimoto zamaziko abalandeli besuka ezifundazweni ezahlukene. Abanye baze baziduduza ngokuyokweseka AmaZulu FC abambane nePirates kuba ngu1-1 ngoMgqibelo ebusuku eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
UGiovanni Solinas ongumqeqeshi weChiefs, ubagxekile abadlali bakhe ngokushaya into ephansi ngesiwombe sokuqala. Uthi baze bavuka emaqandeni kwesesibili. Uthi lokhu akubasizanga njengoba iPolokwane bese ipake ibhasi, ingasafuni ukuhlasela.