Ilanga

OWEPIRATES UBONGA UMFOWABO NGEBAFANA

- MFANAFUTHI NDLOVU

UMDLALI we-Orlando Pirates ubonga umfowabo ngokumvule­la amasango empumelelo kunobhutsh­uzwayo waseNingiz­imu Afrika.

U-Innocent Maela ( osesithomb­eni) oyinxele le-Bucs, utshele ILANGA ukuthi ubo-nga umfowabo, uTsepo “Chester” Masilela ngeziyalo ezinhle okuyizona ezimsizayo njengoba eseze wabizelwa nakwiBafan­a Bafana ezobhekana neSeychell­es kowokuhlun­gela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoMgqibel­o eFNB Stadium, eGoli.

Lo mdlali ubekhuluma naleli phephandab­a emuva kokuba ezakhe zibambane namaZulu FC ngo-1-1 kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ebusuku eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. Igoli leBucs lishaywe ngu-Augustine Mulenga ngomzuzu ka-15 kwathi eloSuthu leza no-Emiliano Tade ngoka-50.

UMaela uthe yize engathandi ukufaniswa noMasilela ngendlela ayedlala ngayo kodwa naye uyakulobiz­ela ukuqopha umlando wakhe ebholeni lakuleli.

“Kuningi engikufund­ile kumfowethu futhi ngiyakuqon­da ukuthi ngeke ngikwazi ukudlala njengaye kwazise ubekweliny­e izinga. Kangithand­i ukuthatha udumo lwakhe. Ngiyohlale ngimuhloni­pha ngakho konke angenzele khona. Kumele ngizilwele ukufeza ezami izinhloso.

“Ngiyafisa ukuqukula inkomishi, ngibe nendondo yegolide. Ngiyazi ukuthi singakwazi ukufeza leli phupho ngendlela esinabadla­li abahle ngayo.

Silwela ukubuyisa isithunzi sekilabhu nokuthokoz­isa usihlalo (u-Irvin Khoza) ngokumthol­ela enye yezinkomis­hi kwazise sesinesikh­athi eside sagcina ukuhlomula ngendebe,” kusho uMaela phambili obedlala kwiThanda Royal Zulu eyadayisel­a AmaZulu FC isitifiket­i.

Ebuzwa ngokuqokel­wa kwakhe kwiBafana, uthe ukujabulel­e ngendlela eyisimanga yize ebona kuzokuba wumdlalo onzima. Uthi unethemba lokuthi bazokwazi ukujabulis­a abalandeli beBafana ngokunqoba. Uthi usejahe ukuba sekhempini ezoqala ukujima namuhla ngoMsombul­uko ukucijela iSeychelle­s.

 ??  ?? INNOCENT Maela
INNOCENT Maela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa