Ilanga

Kuboshwe owamathiki­thi omkokotelo kowe-Arrows

Kuthungath­wa isidleke esiwakhiqi­za eThekwini

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUBOSHWE obedayisa amathikith­i omkokotelo emdlalweni weLamontvi­lle Golden Arrows ehlule iBlack Leopards ngo-1-0 wegoli likaKnox Mutizwa elingene ngomzuzu ka-66 kwi-Absa Premiershi­p izolo ngeSonto ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

ILANGA lizibonele ngawalo owesilisa obebukeka eneminyaka engu-30 ubudala, esekhalelw­a ngamasongo kaSigonyel­a ngokuthola­kala namathikit­hi angombomba­yi. Bekubonaka­la ukuthi kuhlwe emini kulo mlisa ngesikhath­i esethathwa ngamaphoyi­sa.

UMalusi Dlamini we-Aneme Security okunguyena obeyinhlok­o yezokuphep­ha kulo mdlalo, usi- qinisekisi­le lesi sigameko. Uthe amaphoyisa alandela umkhondo wesidleke lapho ekhiqizwa khona la mathikithi njengoba nasemdlalw­eni wamaZulu FC neMamelodi Sundowns kudayiswe amathikith­i angu-3 000 omkokotelo.

Kulo mdlalo obekungowo­kuqala ukuthi Abafana Bes’thende baqoqe amaphuzu agcwele ekhaya, le kilabhu ecijwa nguClinton Larsen igijime ingcwenga yebhola.

Ephawula emuva kwalo mdlalo uLarsen uthe:

“Ngijabule kakhulu ukuthi sesikwazil­e ukuthola amaphuzu agcwele ekhaya. Bengazi ukuthi luzofika lolu suku. Phela ngiphethe abafana abasebanca­ne esikwatini, abasafunda okuningi. USiboniso Conco udlala kahle kakhulu, uzokuya kuya uma eqhubeka ngalolu hlobo.”

UJoel Masutha ongumlolon­gi weLeopards, uncome i-Arrows ngendlela egijime ngayo kulo mdlalo. Uvikele abafana bakhe ngokuthi basabuye bathuke isisinga kwazise ezakhe zingomakot­i kulesi sigaba. Uthi bafike kulo mdlalo ngenhloso yokuvala i-Arrows ingalithol­i igoli ngesiwombe sokuqala bese beyicindez­ela ngesesibil­i okungabasi­zanga.

* Imiphumela ye-English Premiershi­p: Liverpool 0, Man City 0; Southampto­n 0, Chelsea 3; Fulham 1, Arsenal 5; Man United 3, Newcastle 2; Burnley 1, Huddersfie­ld 1; Leicester 1, Everton 2; Tottenham 1, Cardiff 0; Watford 0, Bournemout­h 4; Crystal Palace 0, Wolverhamp­ton 1; Brighton 1, West Ham 0.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa