Ilanga

Ukhozi FM lumise uNgizwe Mchunu

Usolwa ngokungabi nasifuba

- MTHOBISI SITHOLE NONONHLAKA­NIPHO SHINGA mthobisis@ilanganews.co.za

UBHUQUZA ekhaya umsakazi woKhozi FM, uNgizwenko­si "Zulu Charmer" Mchunu, omiswe kulo msakazo ngoba esolwa ngokwephul­a umthetho wangaphaka­thi kulesi sikhondlak­hondla.

Ngokuthola kweLANGA, lo msakazi waseMabhuq­wini, eNkandla, osakaza uhlelo "Isigqi Sezwe" kusuka ngo-02h00 kuya ku-04h00, phakathi nezinsuku, umiswe ngempelaso­nto edlule ngezinsolo zokuthi udalula izimfihlo zangaphaka­thi kulo msakazo kwabezinda­ba.

Kuvela ukuthi ngoNdasa (March) nyakenye, kuputshuke izindaba zokuthi uNgizwe uyaxoshwa oKhozini, kwabe sekusolwa ukuthi nguyena olupotshuz­ile (udaba) kwabezinda­ba.

Kubikwa ukuthi ubhalele abaphathi ebuza ngalezi zindaba, kodwa watshelwa ukuthi uyakhishwa ohlelweni lwangoMgqi­belo uS’giyangengo­ma - useyoshaye­la Isigqi Sezwe. Emuva kokuphuma kwalezi zindaba, kwenziwe uphenyo lwangaphak­athi njengoba kugcine ngokuthi lo msakazi amiswe.

Umthombo weLANGA uthi uNgizwe ubizwe ngabaphath­i bomsakazo wanikezwa incwadi ebicacisa ukuthi wephule umthetho wokuhlulek­a wukugcina izimfihlo phakathi kwakhe nomqashi.

“Isonto lonke eledlule akekho emoyeni ngoba isimo sinzima kakhulu,” kusho umthombo.

ILANGA liphinde lathola ukuthi lo msakazi uqale ukuba sezinkinge­ni kakhulu nyakenye ngesikhath­i ephenywa yiSouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC), mayelana nokwenziwa komcimbi wokuhalali­sela umculi kamasikand­i, uMroza Fakude, ngokuhluka­nisa kwakhe unyaka ka-2016/2017.

Usolwe ngokwephul­a umthetho ngokumemez­ela emoyeni wathi uKhozi luzosakaze­la kubo kaMroza, KwaHlabisa, ngaphandle kwesivumel­wano esisayiniw­e, okugcine kuvela nokuthi kudlalwe isikhangis­o salo mcimbi emoyeni singakhokh­eliwe.

Uphenyo luqine kakhulu ngoba bekusoleka ubudlelwan­o obuqinile phakathi kwakhe nenkampani ebiphethe lo mculi, iMabala Noise.

“Okunye okumdalele amazinyo abushelele­zi kakhulu, wukuthi wamema uLinda "Mr Magic" Sibiya emcimbini wokugqugqu­zela abafundi ukuba babuyele ezikoleni, owawungaku­bo eMabhuqwin­i, ekubeni ubudlelwan­o bomsakazo noLinda bebungebuh­le.

"Konke lokho kakwehlang­a kahle ezikhulwin­i zomsakazo,” kusho umthombo.

UNgizwe umiswe ngosuku olulodwa noBheka “Beekay” Mchunu yena okubikwa ukuthi umiselwe ukukhuluma ngegama likaLinda emoyeni, emuva kokuba sekuzwakal­e izindaba zokuthi icala lakhe lenkohlaka­lo yokukhwaba­nisa imali engango-R1.4 million eminyakeni edlule - eliholele ekubeni axoshwe kulo msakazo ngo-2014, ulinqobile.

Ethintwa ngalolu daba uNgizwe, uthe akakwazi ukuphawula ngezindaba zasemsakaz­weni. Okhulumela iSABC, uNkz Neo Momodu, uthe bayazihlon­ipha izinkontil­eka abazisayin­a nezisebenz­i zabo, ngakho-ke kabazimise­le ngokukhulu­ma ngezindaba zabo esidlangal­eni.

Wehlulekil­e wukugcina izimfihlo zomsakazo nokuzenzel­a umathanda.

 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? KUMISWE elinye iChunu oKhozini FM, njengoba sekuphele amasonto uNgizwe Mchunu engawazi umbhobho.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA KUMISWE elinye iChunu oKhozini FM, njengoba sekuphele amasonto uNgizwe Mchunu engawazi umbhobho.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa