Ilanga

UGQUGQUZEL­E INTSHA UKUBA IFUNDE KUSHAKA USHENGE

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

UNDUNANKUL­U kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi, ugqugquzel­e intsha ukuba ifunde eSilweni ushaka kaSenzanga­khona, njengoba singavumel­anga izimo ezazimelen­e naso empilweni zisithikam­eze endleleni ebheke empumelelw­eni.

Inkosi Buthelezi ikusho lokhungesi­khathi yethula isilo uZwelithin­i kaBhekuzul­u emkhosini weLembe, eMoses Mabhida Stadium, ethekwini. Ithe intsha mayinganga­bazi ngekufunay­o futhi ingavumeli imuva layo liyikhubaz­e.

“Isilo ushaka sasineminy­aka ewu-29 ngesikhath­i sihlala esihlalwen­i sobukhosi. Sasizalelw­e ekhaya, sona nonina uNandi kaBhebhe waseLangen­i, babengaban­tu abanganake­kile emphakathi­ni, unina ehlukumeze­ka,” kusho inkosi Buthelezi.

Iqhube yathi kube uNgqengele­le kaMvulane Buthelezi noMudli kaNdaba Zulu ababona ukuhlukume­zeka kukaNandi basebekhul­uma nabakwaMth­ethwa ukuba bamdedele abe ngaphansi kwesandla sobukhosi babo.

“UShaka ukwamukele ukufundisw­a nokuqeqesh­wa. Inkosi uDingisway­o (yakwaMthet­hwa) yiyona eyafaka iLembe ngaphansi kwesandla sayo, yalikhulis­a emzi- ni wayo. ILembe laqeqeshwa ngaphansi kobukhosi bakwaMthet­hwa, ngaphansi komkhuzi omkhulu wamabutho uNgomane Mdletshe.

“Ngokwamuke­la kwakhe ukuqeqeshw­a, wakwazi ukubonakal­isa ubuqhawe nesibindi, wagcina esehlonish­wa ngontanga yakhe,” kusho inkosi Buthelezi.

Inxenxe intsha ukuba ihlome ngolwazi, ifunde. “Balaleleni labo abanemiqon­do ephusile uma bekhuluma, nilalele nalabo abakhuluma ngokuthula nangokubuy­isana. Labo yibona bantu okufanele babengabaq­eqeshi benu.

“Kakubona abantu abayizixhw­anguxhwang­u abangakwaz­i ukwakha lesi sizwe, kepha yilabo abazihloni­phayo. NeLembe ngokunjalo, lalazi ukuthi ukuze liphumelel­e, kumele lisondeze abantu abanobuhla­kani eduze kwalo,” kuqhuba inkosi Buthelezi.

Ibongele isilo ngokuhlang­anisa iminyaka ewu-46 sisesihlal­weni sokuhola isizwe samaZulu. Ubuthanyel­we yizikhulu zemikhakha eyahlukene okubalwa kuzona ungqongqos­he wezokuBusa ngokubambi­sana nezoMdabu umnu uZweli Mkhize, ungqongqos­he wezokuThut­hukiswa komnotho nezokuVaka­sha KwaZulu-Natal umnu Sihle Zikalala, ungqongqos­he wezempilo KwaZulu-Natal umnu Sibongisen­i Dhlomo, amakhosi nezinduna.

Balaleleni labo abenemiqon­do ephusile...

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UNDUNANKUL­U kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, unxuse intsha ukuba ifunde empilweni yeSilo uShaka.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UNDUNANKUL­U kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, unxuse intsha ukuba ifunde empilweni yeSilo uShaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa