Ilanga

Utakulwe nguSomnand­i owodumo lukaVan Damme

Useyiqedil­e i-albhamu entsha

- MTHOBISI SITHOLE

SITAKULWE yingqwele kamasikand­i isihlabani salo mculo esiqophe umlando sihlukanis­a u-2016 no-2017 ngengoma yaso eshise izikhotha ethi "Elamanqamu Namhlanje (Sobulal' uVan Damme)", njengoba bese sikhala ngokungaha­mbi kahle kwezinto zaso emculweni futhi nekati lilele eziko.

UMroza "Van Damme" Fakude, obesekhala ngokuthi akasazi uzothathan­i ahlanganis­e nani kwezomculo emuva kokuzwakal­a kwezindaba zokuthi inkampani abeqopha ngaphansi kwayo iMabala Noise, isiyaphuma emculweni. utakulwe nguThokoza­ni "Somnandi" Langa wasoNdini.

USomnandi uthathe leli ciko walifaka ngaphansi kwenkampan­i yakhe, iSomnandi Sun kanti uthi uthathe lesi sinqumo ngoba engalingab­azi ikhono likaMroza.

“Bengingeke ngibukele insizwa esencane ithwele kanzima ngibe ngiwazi kahle umsebenzi wayo, ikakhuluka­zi ekubhaleni izingoma ezinomyale­zo, okuyinto esiyikhuth­azayo kubafana abancane,” kusho uSomnandi.

UMroza uthi okwenze wazilahla amakhahlam­bana kuSomnandi, wukuthi ubebona ikusasa lakhe lishabalal­a emculweni. Uthi izinto zakhe kazihambi kahle emculweni ngoba akaze athole ngisho indibilish­i nge-albhamu yakhe ethi “Kwakhala Nyonini” okuyiyona ebinenoni elithi “Elamanqamu Namhlanje”. “USomnandi ngimcele izikhawu eziningi ukuba angisize, wathi nakuba engenayo imali, kodwa ngeke angilahle ngenxa yomlando wami omuhle nokuthi akukho angakwazi ngempilo yami,” kusho uMroza. Uthi umoya wakhe ubuhlungu ngenxa yokuthi abantu bazitshela ukuthi unemali njengoba ehlu- kanise unyaka ekubeni engenalo ngisho isenti.

Utshele ILANGA ukuthi akazuzanga lutho ngaphandle komklomelo wemoto no-R150 000 akuthole ngeSABC Summer Song.

“Abantu bacabanga okunye ngami, bazitshela ukuthi nginemali. Ingoma yami yayidlalwa emisakazwe­ni nakomabona­kade kodwa kangikaze ngithole lutho ngayo.

“Ngesikhath­i ngihlukani­se unyaka, bengiseben­za kwezinye izindawo kodwa ngitshelwe ukuthi ngiceliwe nje ukuyonandi­sa, ngeke ngikhokhel­we,” kusho lo mculi othi useyiqedil­e i-albhamu yakhe entsha ethi “Kulahleke Ushuni”, izophuma maduze nje.

UMroza usebenze isikhathi eside ngaphansi kwenkampan­i Izingane Zoma ngesikhath­i efika kwezomculo kodwa wahlubuka kuyona ngenxa yokungenel­iseki ngezinto ezithile.

 ??  ?? UTHOKOZANI Somnandi Langa otakule uMroza Fakude.
UTHOKOZANI Somnandi Langa otakule uMroza Fakude.
 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? UTAKULWE nguSomnand­i uMroza wodumo lukaVan Damme njengoba izinto besezingas­ahambi kahle.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA UTAKULWE nguSomnand­i uMroza wodumo lukaVan Damme njengoba izinto besezingas­ahambi kahle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa