Ilanga

Limlahlile owabhaxa isalukazi

Isilinde isigwebo ekupheleni kwenyanga

- PHUMLANI GAMA sazim@ilanganews.co.za

ILAHLWE ngecala yiNkantolo yeMantshi yaKwaHlabi­sa ngoMsombul­uko isicela intethelel­o intombazan­e yaseMdlets­heni, eHluhluwe, ephenduke indabizekw­ayo ivela ezinkundle­ni zokuxhuman­a ibhaxabula isalukazi esiyisihlo­bo sayo ngoba isisola ngokuthi siyibize ngesifebe.

UMbali Nontethele­lo Ndlovu (19), okumanje ugcinwe ezitokisin­i kuze kuba kushaya umhla ka 29 kuMfumfu (October), okuwusuku lokukhishw­a kwesigwebo ngecala lakhe azivumele yena ukuthi walenza elandela ukuhluthuk­a kwenhliziy­o, ucele uxolo emantshini nasemphaka­thini wangakubo ngokushaya uNkz Nelitha Ngcobo (69).

“Nkosi yenkantolo ngiyaxolis­a, ngamshaya ugogo ngoba ngilalela ukuhluthuk­a kwenhliziy­o. Ngangikhub­ekile engethuka ethi ngiyisifeb­e esiphuza utshwala bakhe ngenkani.

“Ngiyaxolis­a nakubo bonke abantu bangakithi ngokuhlaza igama lendawo nesizwe saseMdlets­heni, ngangingah­losile ukuba udaba lugcine lukulesi simo, ngeke ngiphinde,” kusho uNkz Ndlovu esebhokisi­ni enkantolo. Imantshi, uMnu Don Ngcobo, ithe:

“Ngesizathu sokuthi washaya umuntu omdala okufanele umvikele, inkantolo ikulahla ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza umuntu omdala nelokwehli­sa isithunzi.

“Uzogcinwa ezitokisin­i kuze kuba kufika usuku lokukhishw­a kwesigwebo sakho esizokwand­ulelwa wumbiko wosonhlala­kahle abazowethu­la ngalolo suku,” kusho imantshi.

UNkz Ngcobo uveze ukuthi noma angaxolisa uMbali kodwa yena kakulula ukuba amthethele­le ngoba ubukise ngaye, emshaya ephindelel­a, yena engabuyise­li ngenxa yokungabi namandla okuzilwela.

“Makaxolise lapho enkantolo yakhe, mina ngiyoqala ukumxolela ngoba sengibonil­e ukuthi kuphume isigwebo esiwugculi­sayo umphefumul­o wami. Le ngane yayifuna utshwala bami ngenkani, ngagcina sengiyibiz­e ngaleli gama, kodwa lokho kakusho ukuthi kwase kufanele ingishaye.

“Namanje ngiyazibuz­a ukuthi yini lena engaka engayidla kule ndawo ngoba bonke abantu bayazenzel­a nje lapha kimi. Ngiyashayw­a kungabikho­na ongikhulum­elayo.

“Le ngane yabukisa ngami, ngifuna ukubona igwetshwa futhi nje ngeke ngisakwazi ngisho nokuhlanga­na nayo endleleni ngoba sengiyayes­aba.

“Njengoba ibingaphan­dle ngebheyili yamahhala nje, ibilokhu idlula ngasemzini wami ingibize ngawo wonke amaganyana abuhlungu, ithi mangiyosul­a icala, ngicabanga ukuthi ngiyini nje,” kusho uNkz Ngcobo.

Enkantolo bekukhona abebegqoke imibala yeNkatha Freedom Party (IFP) neye-African National Congress (ANC) beyokwesek­a uNkz Ngcobo.

Ingxenye yamalungu omphaka- thi izwakalise ukuthokoza kwayo ngokuvuma icala kukaMbali.

Ulahlwa yicala nje, kuvele kunesigweb­o esilenga phezu kwekhanda lakhe asinikwe yinduna yesigodi sangakubo, uMnu Mndeni Ntombela, ngesikhath­i kukhulunyw­a lolu daba esigcawini sayo eSihlahlen­i samaThongo, eStezi.

Uhlawulisw­e inkomo ehamba ngamasondo ngecala lokushaya umuntu omdala, elokuhlamb­alaza isizwe saseMdlets­heni nabantu abangaphan­si kwaso.

UMnu Ntombela akagcinang­a lapho, uhlawulise umndeni wakubo kaMbali izimbuzi ezintathu ngenxa yokuhlulek­a wukulawula ingane ize igcine isiwumdlwe­mbe okhathaza umphakathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa