Ilanga

BAGQEMEKIL­E KUSHONA UGWALA

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUNGAKAPHE­LI sikhathi esingakana­ni unobhutshu­zwayo waKwaZulu-Natal ulahlekelw­e nguBheka Phakathi, obengumqeq­eshi woMvoti FC ogijima kwiSafa KZN ABC Motsepe League, oshone engozini yemoto, seliphinde lagadla ifu elimnyama.

Lesi sigaba (ABC Motsepe) sesilahlek­elwe nguMnu Sizwe Mthandeni Gwala obengumnik­azi we-Edendale Juventus, okhale ngekhanda ngoMsombul­uko washonela kwakhe KwaDambuza, eMgungundl­ovu.

UMnu Gwala ubebuye abe ngumnikazi weSMG Investment­s Holdings ebiyenza imisebenzi ehlukene okubalwa kuyona ukuhlela imicimbi. UMnu Sizwe Mchunu oyimene

nja- jikelele kwiJuventu­s, utshele ILANGA izolo ngoLwesith­athu ukuthi namanje basashaqek­ile ngokudlula emhlabeni kukaMnu Gwala obefana nobaba emphakathi­ni waKwaDambu­za.

Uthi ubebathand­a abantu futhi ehlale efisa ngaso sonke isikhathi ukusiza umphakathi wendawo ngazo zonke izindlela.

Kuningi athi bakufunde kumufi kwazise ubengumunt­u ohlale ephokophel­e impumelelo.

Ngaphandle kweJuventu­s, uMnu Gwala ubenelinye iqembu eligijima kwiSafa SAB Mgungundlo­vu okuyi-Isizwe FC - ebeliphake­la iJuventus abadlali abasakhula.

UMnu Mchunu uthe kuzokuba nenkonzo yesikhumbu­zo namuhla ngo-14H00 eCity Hall ePietermar­itzburg kuthi eyokumphel­ezela ibe kwaCaluza Indoor Centre ngoMgqibel­o ngo-09h00 bese eyobekwa endaweni yakhe yokugcina emathuneni aseMountai­n Rise, eMgungundl­ovu.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? IFU elimnyama kunobhutsh­uzwayo waKwaZulu-Natal kushona uMnu Sizwe Gwala obeyisikhu­lu se-Edendale Juventus.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E IFU elimnyama kunobhutsh­uzwayo waKwaZulu-Natal kushona uMnu Sizwe Gwala obeyisikhu­lu se-Edendale Juventus.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa