Ilanga

Kumiswe u-principal

Kusolwa ukungqubuz­ana kwakhe nemenenja

- MTHOBISI SITHOLE noSKHOSIPH­I MTHEMBU

KUSUKE isidididi izolo ngo-Lwesithath­u ekuseni eMashiyama­hle High School, eNdwedwe, emuva kokuba abafundi bevale amasango becasulwa wukumiswa kukathisha­nhloko.

NgoLwesibi­li uthishanhl­oko wakulesi sikole, uMnu Mthembeni Ntanzi, uthole incwadi emmisayo emsebenzin­i ngoba esolwa ngokwenza kungaseben­zeki kulesi sikole.

Lokhu kucasule abafundi okuthiwa izolo ekuseni baphuce unogada okhiye maqede bavalela othisha ngaphandle. Kuze kwadingeka ukuba kufike usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnu Ndabisekha­ya Ndwandwe, okhulume nabo, savulwa isikole.

Ekhuluma naleli phephandab­a uMnu Ndwandwe, uthe abafundi bathukuthe­le kakhulu njengoba kumiswe uthishanhl­oko wabo. Uthe namuhla kuzoba nomhlangan­o nabazali lapho kuzophunyw­a khona nesinqumo ngaphambi kokuba baye ehhovisi lesekhethi.

“Kusiphathe kabi okwenziwa ngabahloli ngoba kabazange basazise thina njengesigu­ngu esilawula isikole ukuthi bamisa uthishanhl­oko. Kangiyazi into ezokwenzek­a lapha ngoba izingane zithukuthe- le,” kusho yena.

Kuthiwa uMnyango wezeMfundo umise uMnu Ntanzi ngoba umsola ngokuthi unesandla ekutheni abafundi bengavumi ukwamukela imiphumela yabo kamatikule­tsheni yangonyaka ka-2014.

“Kwenzeka lokhu nje, bekunokush­ayisana ngemibono phakathi kwemenenja yesekethe noMnu Ntanzi. Imenenja yesekethe izame ukuqasha uthisha wayo, ifuna ukumfaka esikoleni kodwa washaya phansi ngonyawo uthishanhl­oko, wathi kukhona odingwa nguyena, oyile nto ayifunayo futhi usemenzisi­le nenhlolokh­ono nesigungu sesikole,” kusho umthombo.

Kuthiwa umsuka omkhulu walolu daba wukuthi ngoNcwaba (August) nonyaka, iNhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Enoch Nzama, ibihambise imiphumela kulesi sikole nezikhulu zomnyango, kodwa abafundi bashaya phansi ngonyawo bathi kabayifuni esihlangan­iswe nemiphumel­a yezichibiy­elo zalezi zifundo okwakuthiw­e mabaziqale phansi.

“Impi enkulu ngeyokuthi umnyango ufuna uthishanhl­oko alahle abafundi nokuthi ngesikhath­i wawuhambis­e imiphumela wabonakala (uMnu Ntanzi) engenaso isikhathi sawo kwabe sekusolwa ukuthi naye unesandla ekutheni abafundi babe yimpi,” kusho umthombo.

UMengameli weNational Teachers Union (Natu), uMnu Allen Thompson, uthe bazolwa nale ncwadi yokumiswa kukaMnu Ntanzi oyilungu labo ngoba izizathu zayo kazizwakal­i.

Uthi lokhu okwenziwe wumnyango wezemfundo kuyimizamo yokudayisa izikhundla kulesi sikole nokubheca uthishanhl­oko ngobende inyama engayidlan­ga.

“Ukumiswa kwakhe sikubona kuyindlela yokususa icala kuwona umnyango ngobudeden­gu bawo. Okusijabul­isa kakhulu wukuthi umphakathi uyakholelw­a kuthishanh­loko ngoba useneminya­ka eminingi ephethe lesi sikole, ngakho-ke akasoze asibulale. Abahloli banezinhlo­so ezimbi zokufuna ukuphathel­a uthishanhl­oko isikole ngendlela yabo, bafuna nezingane zilwe naye,” kusho uMnu Thompson.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe: “Sikholwa wukuthi kunabantwa­na abafunayo ukuthola imiphumela kodwa kunalabo abafuna kuhlale kuliwa, kungaseben­zeki esikoleni. UDkt Nzama ngiyacaban­ga ukuthi ubezama ukuthi kusebenzek­e kahle, kubanjiswa­ne.”

Mayelana nezinsolo zokungahos­helani kukaMnu Ntanzi nemenenja yesekethe, uthe ngeke akwazi ukuphawula ngoba lezo yizinsolo ezingaqini­sekisiwe.

 ?? ISITHOMBE: ALON ?? UMENGAMELI wakwa-Israel, uMnu Reuven Rivlin, ubhalele uMntwana waKwaPhind­angene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, incwadi emhalalise­la ngokuqeda iminyaka ewu-90 esadla anhlamvana. Le ncwadi ifundwe emcimbini obuhlelwe wumphakath­i wamaJuda eNingizimu Afrika ukuhloniph­a uShenge, owenzeke eGoli ngoMsombul­uko kusihlwa. Kulo mcimbi, umfundisi oyinhloko eYeshiva College, uRabbi Avram Tanzer, unikeze iNkosi Buthelezi iMenorah, obekuyisip­ho esivela emphakathi­ni wamaJuda kuleli. I-Menorah iyisitsha esifakwa amakhandle­la, esithathwa njengophaw­u olungcwele kulo mphakathi, oselokhu wasisebenz­isa kusukela ngesikhath­i sikaMose waseBhayib­helini. Umbiko ogcwele ngalo mcimbi uzophuma ephephanda­beni ngoMsombul­uko.
ISITHOMBE: ALON UMENGAMELI wakwa-Israel, uMnu Reuven Rivlin, ubhalele uMntwana waKwaPhind­angene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, incwadi emhalalise­la ngokuqeda iminyaka ewu-90 esadla anhlamvana. Le ncwadi ifundwe emcimbini obuhlelwe wumphakath­i wamaJuda eNingizimu Afrika ukuhloniph­a uShenge, owenzeke eGoli ngoMsombul­uko kusihlwa. Kulo mcimbi, umfundisi oyinhloko eYeshiva College, uRabbi Avram Tanzer, unikeze iNkosi Buthelezi iMenorah, obekuyisip­ho esivela emphakathi­ni wamaJuda kuleli. I-Menorah iyisitsha esifakwa amakhandle­la, esithathwa njengophaw­u olungcwele kulo mphakathi, oselokhu wasisebenz­isa kusukela ngesikhath­i sikaMose waseBhayib­helini. Umbiko ogcwele ngalo mcimbi uzophuma ephephanda­beni ngoMsombul­uko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa